UMLINGISI wodumo kwiGenerations neDiepCity, uSonia Mbele, usobishini njengoba esenqunyelwe ugwayi katiki ukuba afike eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesine noma akhalelwe ngamasongo kaSigonyela.
Nakuba kunjalo,okhulumela uSonia, uThato Malindi, ucashunwe ethi abanalwazi ngalezi zindaba, bagcina ngokuzibona emithonjeni yezindaba.
Ngokusho kokhulumela uphiko lwezokuShushiswa kuzwelonke eGauteng, uPhindi Mjonondwane, uSonia (46) bekufanele avele kule nkantolo ngoLwesithathu kodwa wangalubhada kuyona.
Lolu phiko luze lwafaka incwadi ezinkundleni zokuxhumana lapho luqinisekisa khona ukuthi uSonia nozakwabo, uYolisa Gqunta noRebone Sesing, basolwa ngokwephula umthetho wokukhokhwa kwentela kuleli.
"UMbele ulethe incwadi kadokotela, ebithi akakulungele ukusebenza kuze kushaye u-Okthoba 3. Laba bobathathu bangabaqondisi benkampani iReal Housewives of South Africa (Pty) Ltd."
Eqhuba uPhindi uthe oSonia babhekene noxhaxha lwamacala awu-42 okwehluleka ukugcwalisa izincwadi zentela ezibizwa nge-Income Tax, kusukela ngo-2019 kuya ku-2022, ukuhluleka ukugcwalisa izincwadi zeValue Added Tax (VAT) kusukela ngo-2019 kuya ku-2022 nelokuhluleka ukugcwalisa ezePay-As-You-Earn (Paye) kusukela ngo-2020 kuya-2022.
"Icala lihlehliselwe umhla ka-5 Okthoba, 2023, ukuba uSonia avele enkantolo bese uzakwabo enikezwa usizo lwezomthetho. Senziwe isicelo esigunyaza ukuba kukhishwe incwadi yokuba uSonia Mbele aboshwe kodwa yabuye yagodlwa aze avele ngo-Okthoba 5, 2023," kuphetha isitatimende soPhiko lwezokuShushisa.
UThato uphendule ngokuthi le nkampani okukhulunywa ngayo uyayazi kodwa bayivala ngo-2019 ngenxa yokungaboni ngasolinye nozakwabo.
USonia akusiye usaziwayo wokuqala ukubhekana nengalo yomthetho, ngenxa yokuhlulwa wukukhokhela intela.
Umrepha uCassper Nyovest kutholakale ukuthi ukweleta isamba sikaR3.6 million, uBonang ubalekele ukukhokha i-personal tax phakathi kuka-2007 no-2017 neyenkampani yakhe phakathi kuka-2014 no-2017, umrepha ongasekho u-AKA, wasolwa ngokukweleta isamba sikaR2 million ngo-2017, umlingisi weGomora, uKatlego Danke, uke wasolwa ngokunqwaha nentela iminyaka eyisithupha kusukela ngo-2012, obengumdlali webhola uTeko Modise, uke wasolwa ngokuyicashela iminyaka eyisihlanu kusukela ngo-2013 nesikhulu seJomo Cosmos, uJomo Sono, sike sasolwa ngokukweleta isamba sikaR40 million ngo-2018. Abanye nguDr Malinga noZahara.