ISAFUNA ukuzibonakalisa kakhulu kunakuqala endimeni yezokulingisa intokazi yaseShowe engumlingisi womdlalo waku-E.TV, iDurban Gen.
UNelisiwe Sibiya (26) odlala indawo kaDkt Mbali Mthethwa kulo mdlalo uhlabane nendondo yakhe yokuqala ekulingiseni, emiklomelweni ebiseZambia ngeledlule.
Uthweswe umqhele wokuba yi-Best Actress Africa kumaZikomo Awards.
Elandisa leli phephandaba uthe akubanga lula njengoba abantu becabanga kwazise ukuthi ubehlalelwe ukuzibonakalisa amagalelo akhe njengoba kwakukhona ababeshaya amakhala ngokunikwa kwakhe indawo ephambili kwi-Durban Gen.
“Angeke ngiqambe amanga ukuthi kulula konke ngoba kudingeka ukuthi ngisebenze kanzima njalo ukuze ngivale imilomo labo ababengingabaza,” usho kanje.
Uthe waqala wazitshela ukuthi kudlalwa ngaye ngesikhathi ethola umyalezo wokuthi uqokiwe kule miklomelo.
“Ngaze ngakholwa uma sengibona ngithunyelelwa yonke imininingwane yesimemo. Ukuhlonishwa yizwe langaphandle kuyinto enkulu kumina ikakhulukazi njengoba ngimusha ekulingiseni. Ngibonga angiphezi kuMvelingqangi nakubona bonke abantu abangivotelile,” usho kanje.
Yize le ntokazi iyintsha ekulingiseni kodwa ayiyintsha kwezikaqedisizungu njengoba iphimbo layo laziwa ngemisebenzi ehlukene ake ayenza.
Phakathi kwayo kubalwa ibika leLockdown elithi Mama kaBafana nokunguyena ocula kulona kanjalo ne-Diep City okuwumdlalo omusha okhinjiswa kuMzansi Magic usebenzisa iphimbo lakhe.
“Angiwuyekile umculo kodwa ngathatha isinqumo sokuma kancane kuwona ukuze ngizimisele ekulingiseni. Miningi imisebenzi engiyenza ngokuhlanganyela neBlack Brain Productions okuyiyona ekhiqiza iLockdown neDiep City,” kusho uNelisiwe.
Mayelana nezothando uthe okwamanje akekho esimeni esikahle sokuba sebudlelwaneni ngenxa yokuxinwa umsebenzi.
“Kunzima ngisho ukujola. Ubani nje ongavuma ukuba nentombi enocingo oluhlale luvaliwe imini yonke njengoba ngisuke ngibhizi nomsebenzi imini yonke,” kusasho uNelisiwe.
Uthe nangaphandle kwalokho ufuna ukuzisebenza yena kuqala ngaphambi kokuzibophezela ngezothando.
Uphethe ngokuthi uzobuya engasadle zinkobe zamuntu emculweni, abantu abalinde nje.