INSIZWA yaseMgungundlovu, uZukisa Mashiqa (17), ikhethe ukuma esikoleni ukuze ifezekise iphupho layo endimeni yomculo.
UZukisa waseRidgepark, ungomncane kunabo bonke abakuTop 16, yalolu hlelo.
Ekhuluma neSolezwe, uthe kulo nyaka ubenza uGrade 10, eCarter High, khona eMgungundlovu.
“Ukuba kuTop16, kusho lukhulu kanti noxhaso esiluthola kubantu baseKZN lusho lukhulu kumina noS’thuthukile. Sihlala sisho ukuthi sifuna ukwenza abantu basesifundazweni sakithi baziqhenye ngathi. Ukuthanda uhlelo ama-Idols kwaqala ngesikhathi uKhaya Mthethwa edla umhlanganiso, ngazitshela ukuthi nami mhla iminyaka yangivumela ngiyoba yingxenye yalo,” kusho uZukisa.
Uthe okwenze wathatha isinqumo sokungena emncane yingoba wabona uYanga Sobetwa owathatha isicoco salolu hlelo eneminyaka engu-16, wamenza wabona ukuthi naye angalifezekisa ipupho lakhe lokunqoba kulo mncintiswano.
“Ngisho ngasekhaya nasesikoleni, indlela abakhombise uxhaso ngayo ingenze ngabona ukuthi angithathanga isinqumo esingaphusile, futhi ukufinyelela kulesi sigaba kukhombisa ngokusobala ukuthi konke kunesikhathi sakho, nami ke lesi isikhathi sami. Ngiyabakhuthaza nabasasaba ikakhulukazi eKZN, ukuthi bangenele njengoba bengafunda okuningi okuzobasiza emculweni,” kusho uZukisa.
Uthe uma kungenzeka angene kuTop 10, uzoqhubeka nokusebenza kanzima alalele konke atshelwa khona ukuze enze kahle isonto nesonto.
Uthe yize uvalo kuyiyonto ebahlalise kabi bonke kodwa uma nje kunokuzimisela phakathi, uvalo into egcina bengayinakile.
Kuleli sonto kuzomenyezelwa iTop 10, futhi kuzophinde kunandise abaculi abahlukene okubalwa kubo uBuhle Mda owazakhela igama eqenjini iThe Soil, Makhadzi, nabanye.