NOKUBONGWA PHENYANE noSANELE NDLOVU
UJABULISA okwengane encane uNtokozo Dlamini, odume ngelikaMastermind emkhakheni wokulingisa, njengoba sekuvele izindaba zokuthi uzojoyina umdlalo, iDiepCity.
UNtokozo kulo mdlalo uzolingisa indawo kaBafana, ozoqala ukubonakala kuwona ngoJanuwari 31, ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo mdlalo, uNtokozo uveze ukuthi ukujabulele ukubuyela elingiseni njengoba bese kuyisikhathi enyamalele.
“Ukuba semdlalweni obukwa kakhulu ngenxa yesikhathi odlala ngaso, kumina nje ngenye yezinto ezinkulu. Ababukeli balo mdlalo bazobona elinye ikhono lami uma sengilingisa indawo kaBafana, abangakaze balibone kwezinye izindawo engike ngabonakala ngizilingisa kuthelevishini. UBafana uthanda impilo ephambili futhi uthanda nendlela impilo yaseDiepsloot eyiyona neshesha ngayo. Kuzoba wuhambo olunokuthula kodwa oluhle kakhulu,” kuchaza yena.
Khonamanjalo, ngemuva kokunyamalala isikhathi eside, ezwakala ngephimbo kuphela kwiDiepcity, uDawn Thandeka King ushaya ibuya kulo mdlalo.
Kulindeleke ukuthi avele kusukela ngesiqephu sokugcina kwisizini yokuqala. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguye uThandeka olingisa indawo kaMaShenge kulo mdlalo.
UThandeka waveza ukuthi usabhuquza ekhaya kulezi zinsuku ngenxa yokuklunyuka idolo eqopha esinye seziqephu zalo mdlalo.
Uthe abantu abahlale begqolozele amathelevishini abo uma sekudlala iDiepCity ngoba uzothushuka maduze ezoqondisa ubugwegwe bukaLungile njengoba eseqala ukuhlupha.
Uthe angabaqinisekisa ababukeli ukuthi useluleme ngokugcwele lapho alimala khona. Isolezwe lingakuveza ukuthi akukhona okokuqala uThandeka ehlaba ikhefu kulo mdlalo. Nyakenye uke wahlaselwa ukhwantalala athi ladalwa ukuthi ubefukuza engasaphumuli ngenxa yokuxinwa wumsebenzi. Wathi wayephoqeleka ukuba ehle enyuka iTheku neGoli ngoba ubeseqopha iziqephu zokugcina kuZalo nezokuqala kwiDiepCity.
Uthe esebuyile ekhefini lokhwantalala, washibilika walimala edolweni beqopha. Wabuyela emsebenzini kanti akakalulami ngokugcwele, wavele wathunukala, kwaphoqeleka ukuba aphuthunyiswe esibhedlela wabe esenyangelwa ekhaya.