UKHUZA ibuya ekulingiseni umculi wekwaito uL'vovo Derrango njengoba esejoyine umdlalo iDurban Gen.
IDurban Gen ikhonjiswa ku-e.tv njalo ngo-6.30 ntambama phakathi nesonto.
Ngokuthola kweSolezwe, lo mculi wodumo lwengoma ethi Bayang'sukela uzoqala maduze ukuqopha.
"Uzobe edlala indawo eqanjwe ngegama lakhe uL'vovo futhi uzobe eyisikhulu somculo," kusho umthombo.
"Uzobe efuna ukusiza umsebenzi wezimo eziphuthumayo uMcGyver (Zulu Boy) ngokuthi amfake emculweni bese egcina ethatha uSne Mtshali (Nombulelo Mhlongo) othandwa nguMcGyver abe yintombi yakhe."
Umthombo uthe indawo kaL'vovo ibalulekile ngoba izobe ifundisa abafuna ukungena emculweni ngezinto ezenziwayo uma kusayinwa izinkontileka nokungase bakulindele uma sebesembonini yomculo.
"Kusazoshuba ngoba uSne uzofuna ukumbathisa uL'vovo ibhantshi aqambe amanga athi umkhulelisile. Ngiyamjabulela uL'vovo ngoba ukulingisa sengathi uyakuthanda futhi sengathi unobudlelwano obuhle nabakhiqizi bomdlalo beStained Glass," kusho umthombo.
Okhulumela umdlalo uNomfundo Zondi, uthe akakwazi ukuphawula okwamanje.
"Ngizophawula uma abadidiyeli sebenginikeze lonke uhlu lwabalingisi abasha nabahambayo ngoba basabhala umdlalo," kusho uNomfundo.
UL'vovo phambilini uke walingisa indawo kaNhlamvukayigeji emdlalweni wakuMzansi Magic, othi Ehostela nakuZalo kuSABC 1, lapho ayenguMandla khona.
"Ngeke ngikwazi ukuphawula ngokungena kwiDurban Gen kodwa engingakusho ukuthi ngingajabula kakhulu ukujoyina. Ukubuyela kwithelevishini yinto engiyifunayo, ngiyakuthanda," kusho uL'vovo.