UZOBUYA uDawn Thandeka King kwi-DiepCity emva kokulimala okumholele ukuthi ahlabe ikhefu lezinyanga ezintathu ekusebenzeni.
UZOBUYA uDawn Thandeka King kwi-DiepCity emva kokulimala okumholele ukuthi ahlabe ikhefu lezinyanga ezintathu ekusebenzeni.
Lo mlingisi uthe ukujabulele ukubuya azoqhubeka nokwenza into ayithandayo.
“Bekunzima kodwa ngijabulela ukubuya ngizosebenza, bese ngikhumbule. Ngalimala emsebenzini, nakhona ngangingaboni ukuthi ngingase ngilimale ngoba ngasengingene kwezami,” kusho uThandeka esitatimendeni.
I-DiepCity ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi lo mlingisi usezobonakala maduze kulolu hlelo.
“UThandeka usezobonakala futhi kwithelevishini emva kokulimala okumphoqe ukuthi ahlale ekhaya. Uzobuya eseluleme futhi esenamandla,” kusho i-Diepcity esitatimendeni.
UThandeka ulingisa indawo yokuba unkosikazi nokuba ngumama onomthetho oqinile emzini wakhe kanti uyena yedwa osebenzayo kwakhe, nakhona wenza imali encane ngoba uhola ngokusebenza kwakhe.