CHARLES KHUZWAYO
YIZE abantu abaningi bedumele ngokudlula emhlabeni kobeyintatheli nomethuli wezinhlelo zethelevishini nezomsakazo, uNomakula ’Kuli’ Roberts, kodwa omunye wosaziwayo bakuleli uvele waphuma eceleni njengojosaka.
UNeo M. Matsunyane, owayeshade noConnie Ferguson futhi onguyise kaLesedi Matsunyane-Ferguson, usole uKuli ngokuhlukumeza abantu abaningi ngokubhala kabi ngabo ephephandabeni abelisebenzela.
"Ubaphathe kabi abantu abaningi abangenacala ephephandabeni lakhe. Sengathi umoya wakhe ungaphumula endaweni enhle," kusho uNeo ngokubhuqa, embhalweni woqweqwe lwentatheli uSam Mathe kwiFacebook. Kuhluleke esekhuzwa kodwa waqhubeka wathi: "Akusiwo amanga. Yilokho okwenziwa ngamaphephandaba anomgosi. Ukungcolisa amagama abantu abangenacala, kwesinye isikhathi ngaphandle kokuxolisa. Ngifisa sengathi bengingamkhumbula ngokwehlukile."
UKefiloe Monnathele uzamile ukubuyisa uNeo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. "Angicabangi ukuthi isitatimende sakho sifanele kulo mzuzu...ngaphandle uma ungumSamariya olungile," kuphawula uKefiloe. Eziphendulela uNeo uthe, umbono wakhe lowo uKefiloe.
"Angijabule ngoba engasekho emhlabeni. Amaphephandaba anomgosi ayabalimaza abantu ngokuncokola, impilo yonke. Angikaze ngazishaya isifuba ngokuba ngumuntu ongenasono noma ngisho izinto ezingamahlazo ngaye, hhayi njengo...," kusho uNeo.
Wayeshade noConnie kusukela ngo-1993 kodwa bahlukanisa ngo-1998. Ubuye abe nguyise kaMomo Matsunyane olingisa kwiChin Up nakwiDream World kanti ungumfowabo womsakazi uKgomotso Matsunyane. UNeo useke walingisa futhi wabuye waqondisa imidlalo eminingi okubalwa iMatswakabele, Generations, Going Up, Ke Nyala Mang, Oh Schuks...Here Comes Untag neminye. Uqondise iKelebone, Mzansi, Emzini Wezinsizwa, Soul Buddyz noSindiso.
UKuli (49) obengumsakazi wohlelo lwasekuseni kwiKaya FM futhi ethula iTrending SA kwiSABC 3, kuthiwa uvele wawa, wangabe esavuka ngoLwesithathu ebusuku. Uke walingisa kwiThe Queen futhi wethula iThe Real Gobhoza neHeadlines.
Ushiye kwiSunday World emuva kokumenyezelwa njengomunye wabangenele ukhetho kuWard 65 ngaphansi kwe-ATM. Ushiye emhlabeni izingane ezimbili, umzukulu, abazali, odadewabo ababili okubalwa noHlubi Mboya nomfowabo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela zingakamenyezelwa izinhlelo zomngcwabo wakhe.