UMLINGISI osanda kukhuza ibuya kuZalo, uBonga Dlamini, uthi kusezandleni zababukeli ukuthi uzozinza noma uzobuye anyamalale.
UBonga ulingisa indawo kaMkhonto kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kwiSABC 1.
Ubuye wathatha uNosipho (Nompilo Maphumulo) waya naye emakhaya eMzimkhulu, kwazise unguyise omncane wakhe njengoba ezalwa nguMuzi “Gxabhashe” Xulu (Mpumelelo Bhulose).
Ngesikhathi ehamba kuZalo eminyakeni edlule, uMkhonto wanyamalala eya emakhaya.
“Indawo engiyilingisayo isikhulile. Umlingiswa useyinhloko ehlanganisa umndeni wakhe oXulu, oGxabhashe, oMakhathini. Sekuwuye ohamba phambili emndenini, ungubaba futhi uze asho kuNosipho athi “wena uyindodakazi kamfowethu, ubhuti omdala, ngiwubaba kuwena, ngiyakuzala,” kusho uBonga.
Uthe naye njengomlingisi ukhulile ngoba useziqonda kangcono izinto futhi akasaxhamazeli uma ezenza.
“Njengoba abantu bebengangiboni, hhayi ngoba bengihleli kodwa bengisebenza ngokuzikhandla. Kuyenzeka kodwa ukuthi uma ukade ujima wedwa bese kuthi senijima njengeqembu, kube nezinto obonayo ukuthi azenziwa. Lokho kwenza ushintshe ukuze ungene khaxa. Ukujima wedwa kuyasiza ngoba awukhonjwa kakhulu futhi awumiswa kaningi njengakuqala.”
Uthe kusuka ahamba akukaze kushintshe, abantu bebesambiza ngoMkhonto uma behlangana naye emgwaqweni futhi befuna ukuthi abuye.
“Kuyangijabulisa ukubuya. Abalandeli nababukeli, kusezandleni zabo ukuthi basho ukuthi bayajabula yini ezinkundleni zokuxhumana. Kuyintokozo nento engigqugquzelayo ukuphawula kwabo futhi ngiyohlale ngilivuma ithuba lokuba kwithelevishini. Abasho abantu ukuthi bafunani! Othakasele ukungibona akavele obala ukuze ngingathi pheshe bese beyakhala.”