ISITESHI iMoja Love sithi siyakwemukela ukwehla ekwethuleni uhlelo kukaMbhishobhi Israel Makamu.
Lokhu kulandela ukusabalala kwengxoxo yalo mbhishobhi, ekhuluma nowesifazane emcela inkonzo yasekameleni.
Le nkulumo uMakamu uveze ukuthi yaqoshwa eminyakeni emine edlule, osekumumangaza ukuthi ivele manje.
Kuyona kuzwakala uMakamu eqala ebuza owesifazane ukuthi unobani, ngoba kukhona into afuna ukumcela yona.
“Uzonginika angithi? Ngiyakucela phela, angithi uwedwa lapho. Ngiyakunxusa, oh uyangichomela?”.
Lona wesifazane uzwakala enqaba ethi ngeke akwenze okucelwa inceku yenkosi.
Esitatimendeni esikhishwe ilesi siteshi uMakamu athula kuso uhlelo oluthi Rea Tsotella, baveze ukuthi basazoba nophenyo lwangaphakathi ngalezi zinsolo.
“Siyakwemukela ukuthi uBishop Makamu uthathe isinqumo sokuma ekwethuleni izinhlelo ngaphansi kwesiteshi iMoja Love. Lokhu kulandela ukusabalala kwengxoxo phakathi kwakhe nowesifazane ethinta ucansi. Ngaphambi kokuthi abuye emsebenzini sizophenya ngalesi sigameko. Ekuxhumaneni nesiteshi uMbhishobhi ukuqinisekisile ukuthi umsulwa njengoba lona wesifazane wayemsebenzela futhi kule nkulumo wayefuna imali kuye,” kusho isitatimende.
Siqhube sathi umbhishobhi uveze ukuthi kukhona abazama ukudicilela phansi igama lakhe njengoba lolu daba lwaxazululwa ngo-2017.
“Uveze ukuthi umangele uma lolu daba seluphinde luvela emasontweni amathathu adlule. Ngakho njengesiteshi siyakholelwa ekutheni sizwe izinhlangothi zombili ezithinta lolu daba. Esikufunayo ukuthola iqiniso ngalo nezinto ezikhulunywa kulona udaba. Njengesiteshi le ngxoxo siyithathela phezulu kakhulu, sesiluqalile uphenyo futhi sesixhumene nowesifazane othintekayo kulona,“ kusho umphathi wesiteshi uBokang Moyo.
Uqhube wathi uhlelo lwabo, oluthi AmaBishop izindaba ezifana nalezi luhlale luzibheka, ngakho bebengeke baze baluzibe lolu daba.