EMASONTWENI ambalwa adlule ngike ngafikelwa wumcabango wokuthi kazi yini ebambe abeSABC ukuthi bangaqedi ngomdlalo i7de Laan.
Lokhu bekungifikela ngoba akukho esikuzwa ngawo kusuka kwisizini entsha, abalingisi abasha, nokunye okusha ngawo, okungaholela ekutheni abantu bakhulume ngawo futhi baqhubeke nokuwujabulela.
Umbuzo wami usheshe waphenduleka ngoba ngifikelwe wumcabango wokuthi kungenzeka ukuthi abeSABC akulula ukuthi bathole umbhali omhlophe ozobabhalela umdlalo wesiBhunu, othinta ababukeli akade bebuka i7de Laan iminyaka.
Izolo kube sekuvela izindaba ezithi ngemuva kweminyaka engu-23, kuyaphela ngalo mdlalo. Abantu bazo zonke izinhlanga kuleli bake bawubuka futhi abanye balingisa kuwo.
I-7de Laan ekhonjiswa kwiSABC2, isiqephu sayo sokugcina sizobonakala ngesizini yokugcina ka-24, ezoqala maduzane iphele ngoDisemba walo nyaka.
Lo mdlalo oqale ngo-2000, kuwona kugqame abalingisi okukhona kubo u-Oubaas, Hilda, Charmaine, Aggie, Emma nomndeni wakaMeintjies.
Ophethe izinhlelo zeSABC, uLala Tuku ekhuluma ngesinqumo abasithathile sokuwuqeda umdlalo uthe njengoba besakezela umphakathi kubajabulisile ngendlela emangalisa ukusebenza neDanie Odendaal Productions ekhiqize wona umdlalo, oyohlala usemlandweni kubo uma kukhulunywa ngemidlalo ekhuluma isiBhunu.
“Ukuba nabalingisi abanamava ahlukene iminyaka engaka, abanye babo abasaqhubeka nokuba sezinhliziyweni zezibukeli zalo mdlalo, ngenxa yezindaba abazixoxa kuwo kuwuthathe kwawubeka lapho ukhona manje.
Siyabonga kakhulu ezibukelini ezenze lo mdlalo yonke le minyaka. Uxoxe izinto ezenzeka ngaleso sikhathi futhi ezinye ezibonakalayo emphakathini.
Sithanda ukubonga bonke ababe nesandla njengoba sesikhethe ukuwudedela manje esiteshini sethu. Sibafisela bonke inhlanhla abasebenzi nabalingisi akade bekuwo, kukhona konke abazokwenza ukuya phambili,” kusho uLulu.
UThandi Ramathesele onguphrojusa womdlalo, uveze ukuthi uzizwa ethobekile ngokukhiqiza umdlalo othinte zimpilo yabantu abaningi kuleli.
“Njengoba sesifinyelela emaphethelweni aleli khasi, sithanda ukudlulisa amazwi okubonga kubona bonke abasebenzi abazinikele ekwenzeni lo mdlalo waba yinto obuyiyona.
Sithanda nokubonga izibukeli zawo, okuyizona eziwenze waba yimpumelelo iminyaka engaka. Yize kubuhlungu ukuvalelisa kodwa siyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi owenziwe yilo mdlalo emiphakathini esiphila kuyo, uma kukhulunywa ngokuqwashisa ngezinto ezingezinhle ezenzekayo.
Siyathemba ukuthi siwenzile umehluko futhi kukhona ichashaza esilishiyayo elingeke lilibaleke kuleli. Siyabonga,” kusho uThandi.