UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni kwiGagasi FM, uFelix Hlophe, usengenisa kwithelevishini njengoba ezokwethula uhlelo iThe Saturday Showdown kuMzansi Magic kusuka ngempelasonto.
UFelix wethula uhlelo iThe Uprising noMinnie Ntuli ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto.
Lo msakazi obuye abe ngusomahlaya uzokwethula isizini yesibili yeThe Saturday Showdown ngokubambisana noThato Moeng.
Uvala isikhala sikazakwabo emkhakheni wamahlaya uSkhumba Hlophe obethula isizini yokuqala.
Ukujoyina kukaFelix lolu hlelo kuqinisekiswe yivideo yesikhangiso ekhishwe ngempelasonto yiMzansi Magic lapho ebonakale khona elwethula noThato.
Imizamo yokumthola izolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhombisa ukuthi luvaliwe.
Ubhale ekhasini lakhe likaFacebook ukuthi imfihlo yakhe isivelile.
“UBig Filly (okuyigama aziteketisa ngalo) ukwithelevishini yakho njengomethuli omusha weSaturday Showdown kuMzansi Magic kuphela. #Isukile,” kubhala uFelix.
Ohlelweni kuba nokaputeni bamaqembu amahlanu asuke encintisana. Amaqembu abunjwa ngabantu abane iqembu ngalinye (abangenele nokaputeni) abathumela imingenelo yokuba yingxenye yohlelo. Abantu bangenela nabangani babo ababili noma umndeni. Ukungena ohlelweni lwakulo nyaka kuvulwe ekuqaleni kukaMashi kwavalwa ekupheleni kwawo.
Nyakenye okapteni bamaqembu kwakungumdansi uBontle Modiselle, owayengumdlali webhola uDoctor Khumalo, umculi uMakhadzi, umlingisi weGomora uSicelo Buthelezi noSis Tamara owagqama kwiBig Brother Mzansi.
Amaqembu ayancintisana ngemidlalo eyahlukene. Kowamanqamu kwase kuqhathwe iqembu iTsa Pitori elaliholwa nguSis Tamara neTeam Country kaMakhadzi.
Yaphela sekuminciwe njengoba zacishe zabambana emdlalweni wokugcina wokubeka wonke amathini phezu kwento esatafula kuqala nokwagcina ngokuthi kunqobe iTeam Country eyagoduka noR2 million.
Ngokwesikhangiso kuzoba nokaputeni bamaqembu abasha futhi kuzoba nemidlalo emisha. Phakathi kwababonakalayo kubalwa kubo umculi wamapiano uKamo Mphela nomlingisi uZola Nombona futhi nakulokhu kuzobe kubangwa uR2 million.
I-The Saturday Showdown izoqala ngo-6 ntambama ngoMgqibelo kuMzansi Magic.