UMBHALI onohlonze obuye alingise uChris Q Radebe, uthembisa lukhulu emdlalweni wethelevishini awubhalile othi Icala, ozokhonjiswa kuMzansi Magic kusukela ngo-Okthoba 9, ngo-8 ebusuku.
UChris (38), obelingisa koweShaka Ilembe futhi odabuka eThekwini, uthe ababukeli abalindele ukugigitheka nokukhala mi izinyembezi, uma sebebuka umdlalo ozokhonjiswa njalo ngoMsombuluko.
"Kodwa okusemqoka kakhulu, bazobona umdlalo ozohambisana nempilo abayiphilayo."
Kulo mdlalo kuzobonakala ubuso obujwayelekile okubalwa uSannah Mchunu, Lerato Mvelase, Velile Makhoba, Kennedy Stabb no-Athie Cwele. Yize uChris egabe ngekhono lokubhala iziqephu zemidlalo kodwa uke walingisa indawo kaDabula kwiSibaya, ekaRomeo kwiSithembiso, ekaMakhedama kwiShaka Ilembe, nekaDodgy Man kwiSingle Guys.
Ikhono lokubhala ulikhombise emidlalweni nasemafilimini amaningi okubalwa iRhythm City, Uzalo, Gomora, Zabalaza, Isibaya, Isidingo, The Queen, Abomama, Single Guyz, Mamello neThe River neminye. UChris uzalelwe eThekwini, emndenini wezingane ezine, okungamantombazane amathathu nomfana oyedwa. Yena nodadewabo uGcinephi, Zandile noZethu bakhuliswe ngunina, uTholani.
Ufunde e-AB Phokompe Senior Secondary, lapho ebambe khona iqhaza kwinkulumompikiswano, ekulingiseni, emdlalweni wekhilikithi nowethenisi. Ngo-2012 uqeqeshelwe ukubhala imidlalo eBig Fish School of Digital Filmmaking. Utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi uke wasebenza njengonogada kwenye inkampani eThekwini, ukuze azithengele i-laptop ayeyidingela umsebenzi ayewuthole kwaSABC.