INTANDOKAZI yomlingisi weDiepCity, uDawn Thandeka King, ongabonakali kulezi zinsuku kulo mdlalo, ithi ibeneshwa ngesikhathi isanda kubuyela kwadingeka ukuba ibuyiselwe esibhedlela iyohlinzwa idolo, lakhonkwa.
Lo mlingisi ubecacisa ngokunyamalala kwakhe eziqeshini zomdlalo njengoba kuzwakala izwi kuphela. Ababukeli bamdlalo bebelokhu bebuza ukuthi kungani ebuye isikhathi esincane, wanyamalala futhi. Phambilini watshele iphephandaba ukuthi kwakumele athathe ikhefu ngenxa yokhwantalala okwamhlasela kanzima.
"Ngaklunyuka umsipha emsebenzini ngiqopha. Kwabakhona isiqephu lapho kwakufanele ngilwe khona kanti ngizoshibilika ngalimala edolweni," kuchaza uThandeka, olingisa indawo kaMaShenge.
Uthe waphuthunyiswa esibhedlela eyolashwa lapho eklunyuke khona.
"Ngithe sengizitshela ukuthi sengiluleme futhi sengikhumbula emsebenzini, ngashesha ngabuyela kanti angikalulami ngokugcwele. Ngangingazi ukuthi idolo lifuna ululame ngokugcwele ngoba libuye lithunukale."
Uthe kwathi ngolunye usuku bambona abadidiyeli bomdlalo esehleli phansi kanti usethunukele. Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi odokotela bamyalele ukuba ahlale ekhaya izinyanga ezine ukuze alulame ngokugcwele.
"Kwabaphoqa ukuba bangibuyisele esibhedlela ngiyohlinzwa edolweni maqede ngafakwa ukhonkolo. Kumanje ngisizwa yiPhysiotherapist ukuze ligcine liqondile ngoba ekuqaleni laliluleme kodwa lisagobile." Uthe empeleni wayelimale kabi kangangoba ukube ungumdlali webhola, ngabe wathatha umhlalaphansi.
Echaza kabanzi uKing uthe, uzobuyela kahle ngokugcwele uma esenesiqiniseko sokuthi useluleme ngokuphelele ukuze angathunukali.
"Abalandeli bazolokhu bengizwa nje kuphela kodwa bengangiboni ngoba abadidiyeli benzela ukuthi ngingapheli emdlalweni. Ngisekhona futhi ngisalingisa kwiDiepCity. Okwamanje indawo engiyilingisayo iseMpumalanga, lapho ngifunda ngeLearnership yezinyanga eziyisithupha."
UThandeka uzakhele olukhulu udumo esalingisa indawo kaMaNgcobo kuZalo nekaMazet kwiLockdown.