LONA ngunyaka wakhe wokuzithuthukisa afezekise ayekufisa ngesikhathi engena kwezikaqedisizungu.
Lawa ngamazwi kaWanda Zuma, odume kakhulu elingisa indawo kaNkosi Zwide emdlalweni okhonjiswa kwi-e.tv iHouse of Zwide, nongemusha kule ndima njengoba waqala ngokuba yimbongi nokucula.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uWanda eThekwini, uthe kuningi azozibandakanya nakho kulo nyaka ngoba kukhona abekubeke eceleni ngoba efuna ukuzinikela ekulingiseni.
“Kuningi ebengikubeke eceleni ngoba ngenzela ukuzinika isikhathi ebucikweni bami bokulingisa. Namanje ngizobe ngingashiyile ekulingiseni kodwa kuzomele ngifunde ukuncelisa amawele njengoba ngizokubamba konke kanyekanye,” kusho uWanda.
Uveze nokuthi ngaphandle kokubuyela emculweni uzobonakala nakumafilimu ahlukene akuleli.
“Ngingumuntu okhethisisayo ngaphambi kokuvuma ukuba yingxenye yento ethile. Angivele ngithathe noma yimuphi umsebenzi. Mayelana nomculo ngizimisele ukusabalala ngisho ukungena ngezinkondlo emaculweni abanye, ngaphambi kokuthatha isinqumo sokukhipha eyami ingoma,” kuchaza uWanda.
Uqhube wathi uzojula acabangisise ukuthi uzogxila emculweni wehip-hop noma kowama-piano.
Mayelana nendawo ayilingisa kwiHouse of Zwide, uthe okwamanje konke kusahamba kahle futhi usazoqhubeka abonakale kuyona. Kulo mdlalo uWanda udlala indawo kaNkosi Zwide, oyintandokazi ezintokazini eziningi.
Ebuzwa ukuthi ngabe ukhona yini ahlekisana naye noma kungenzeka yini ziwushaye maduze, uthe ucela ukungaphawuli ngempilo yakhe yangasese kodwa abantu usafuna bazi ngomsebenzi wakhe kuqala.