UKHUZA ibhadi umlingisi ngoxhaxha lwamacala ayisithupha abhekene nawo okubalwa elokudlwengula, nelokucekela phansi impahla.
Ekhuluma kwiKing David Studio, uSiyabonga, onguMgabhi kwiSibongile and Dlaminis kuMzansi Wethu phakathi nezinsuku ngo-6.30 ebusuku, uthe usolwa ngokudlwengula intombazane emotweni eyi-Uber ngoDisemba31, 2023. Uthi akayazi kwaleyo ntombazane futhi akazi ukuthi icala walenza nini ngoba wayekwiBeach Festival, eThekwini, ehamba nentombi yakhe nendodakazi yakhe.
"Ngangimenywe ngumngani wami ukuba ngiyovela emcimbini wakhe. Kwakunozakwethu engisebenza nabo kwithelevishini. Ngezithuba zawo-2 ekuseni ngahambisa indodakazi yami, ngayoyibeka lapho ihlala khona. Mina nentombi yami saya ekhaya."
Uthe kubo bazilalela kwaze kwaba wusuku olulandelayo. Uthe akakasiboni isitatimende samaphoyisa kodwa watshelwa ukuthi intombazane yayiseThekwini, izobona umuntu othize kodwa yagcina seyifonela yena.
"Okungixakayo le namba entsha engiyisebenzisayo bambalwa abayaziyo. Yathi yangifonela, ngeza nge-Uber. Ngayithatha nge-Uber ngayiyisa lapho ngihlala khona. Abazi ukuthi kade ngashiya kulowo muzi."
Eqhuba uthe akukhona okokuqala evulelwa icala lokudlwengula. Uthe uqale wavulelwa ngobengumkakhe, emsola ngokuthi wamnukubeza ngo-2021.
"Ngangikade ngamgcina. Ngaleso sikhathi ngangizihlalela nendodakazi yami nomngani wami. Ngimatasatasa, ngiqopha ngapha nangapha koThe Wife nakwiRockville Season 5. Angazi ngangingasithola nini isikhathi sokumdlwengula."
Uthe lelo cala lagcina lichithwe yinkantolo njengoba sekuvumbuka elinye.
Kwenzeka lokhu nje, kunelinye abhekene nalo athi wavulelwa lona ekhweni lakhe, lokucekela phansi impahla. Uthe uvulelwa amacala ngenhloso yokuba aziwe njengomuntu ononya nongumdlwenguli.
"Ngiyazi aseza namanye engisazovulelwa wona."
Ubuye waveza ukuthi kuke kwaba namavidiyo endodakazi yakhe inqunu, igeza asabalele ezinkundleni zokuxhumana kodwa kwagcina sekuthiwa abeqoshwa nguye ngoba ungubaba okhohlakele.
Echaza ngembangela yamacala, uSiyabonga uthe asukela ekutheni akezwani nobengumkakhe ngenxa yendodana yabo abangafuni ayibone. Uthe sekuzanywe kaningi ukungcolisa igama lakhe emphakathini, kufakwa ngisho nomndeni wakhe ukuze umphendukele.