OWAYELINGISA indawo kaStarshine kuZalo, uJabulisile "Sis J" Dlamini, usengene emkhakheni wokubhalwa kwezingoma.
Lo mlingisi waseMazabekweni, eningizimu yogu laKwaZulu-Natal, ubhale ingoma kamaskandi ethi Corona. Echaza uJabulisile, owayedume ngelikaSis J esaphrojusa uhlelo lukaMandla Magwaza kuKhozi FM, uthe le ngoma uyiqambe emuva kokushiywa emhlabeni ngabantu abesondelene nabo ngenxa yalolu bhubhane.
"Ngilahlekelwe ngabantu abaningi abebeseduze nami ngenxa yokuguliswa yiCorona. Ngiyibhale ngoba ngikhipha ubuhlungu nesililo enhliziyweni. Isilimazile kakhulu lento," kuphetha uJabulisile owake wasakaza nakwiVibe 94.7 FM.
Le ntokazi ingezinye zezikhulu zaseDurban University of Technology (DUT) futhi ayigcini ngokulingisa ibuye isebenze njengomqondisi nomdidiyeli wamafilimu. UJabulisile waqala ukuvelela ngesikhathi elingisa indawo kaKhanyisile, efilimini esihloko The Puzzle, wayelingisa noSihle Xaba, Zikhona Sodlaka okumanje ulingisa kwiDiepCity noZolisa Xaluva weGomora. Abanye kwakunguDJ Tira neBig NUZ.
UJabulisile akagxilile emkhakheni wezikaqedisizungu kuphela ngoba nasemfundweni akazibekile phansi. Emuva kokuphothula u-matric eLittle Flower eXobho, uJabulisile wenza izifundo ze-Office Management, waziqhube waze wafika ezingeni le-Masters Degree. Ekulingiseni uthe ufuna ukuhamba ezinyathelweni zikaConnie Ferguson onguHarriet Khoza kwiThe Queen.