INHLANGANO elwela amalungelo eziboshwa iJustice for Prisoners and Detainees Trust for Human Rights ibopha isiteshi sethelevishini iMoja Love nabakwaMulti-Choice ngezinsolo zokweba uhlelo lwayo lwethelevishini olusihloko sithi Miscarriage of Justice.
Isolezwe lizibonele ngawalo incwadi ethunyelelwe iNkantolo eNkulu yaseGoli ngenhloso yokuthi inqande ukusakazwa kweziqephu ezilandelayo zohlelo lweMoja Love olusihloko sithi Asi Nna.
Kule ncwadi kuvelile ukuthi abamangali ngummeli uThabani Mpungose nozakwabo kule nhlangano uMnuz Derrick Mdluli. Echaza uMpungose weTJM Trading Enterprise, uthe nguyena ongumsunguli walolu hlelo futhi ufikelwe yilo mqondo ngoba ebone inqwaba yeziboshwa ezigwetshelwe amahhala kuleli.
Lokhu kumholele ekuxhumaneni neziboshwa nongoti abaningi ngalolu hlelo.
Uthe ube esekhulumisana nomngani wakhe umlingisi wodumo kwiSibaya, uNhlanhla Mdlalose okunguye owawuncoma kakhulu lomqondo futhi owumethuli wohlelo loMpungose.
Isolezwe lizibonele ezinye zeziqephu eziyisikhombisa athi uMpungose bazishuthe ngemali engaphezu kukaR1.4 million. UMpungose uthe ube esekhulumisana neziteshi zethelevishini ezahlukahlukene, okubalwa kuzo iMoja Love, SABC 1 neNetflix.
"IMoja Love ngesinye seziteshi ezikhombise intshisekelo yokusakaza uhlelo lwethu. Sigcine ukuxoxisana nayo ngaboFebhuwari bezobuyela kithi," kusho uMpungose.
Uthe umangalile esezwa kuthiwa omunye wabasebenzi balesi siteshi ubexhumana nabanye abameli efuna amnikeze amagama eziboshwa ezaboshelwa amahhala.
"Ngimangalile ngoba lowomsebenzi ubeyingxenye yezingxoxo. Nginezinkulumo zami naye kuWhatsApp, ngibuye ngathola umyalezo kwenye intatheli engiyazela kwiSolezwe.
"Yangithumelela umyalezo kuFacebook icela ngiyithumelele amagama eziboshwa ezinhlanu ezagwetshelwa amahhala.
“Ngayibuza ukuthi izozenzani yathi izifunela uhlelo abazolwenza kuMoja Love. Ngathi mina uhlelo lwami lolo futhi nezikhulu zeMoja Love ziyazi ngalo. Yathi yona ayazi lutho," kuqhuba uMpungose
Uqhubeke ngokuthi uthuke kwaphela nasozwanini esebona isikhangiso kwiMoja Love kuvela ukuthi uhlelo olufana nolwakhe luzosakazwa ngoMashi 30.
Uthe usukume lapho waqonda eNkantolo eNkulu yaseThekwini efuna kumiswe ukukhonjiswa kwalolu hlelo kodwa kwaphazamisa ukuthi baye enkantolo engafanele. Yingakho udaba eselufake kweyaseGoli.
Uveze ukuthi unqumele iMoja Love ikuvimbe ukusakazwa kohlelo lwabo, okumcasula kakhulu wukusetshenziswa kwabantu babo njengoNkosinathi Chiya futhi kwasetshenziswa namanye ama-video.
Ngokohlu lwamacala azolalelwa enkantolo, kuvela ukuthi icala lokufaka isicelo sesivimbelo lizongena kusasa. Imizamo yokuthola ukuphawula kwabeMoja Love nabeMultiChoice ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Abakwa-Moja Love baveze ukuthi imibuzo izodluliselwa kokhulumela isiteshi bese ebuyela entathelini.