INTOKAZI yaseMaqadini, eBothas Hill, uZanele Mkhize, ayizisoli ngokulaxaza ubuntatheli maqede yangena ekulingiseni. UZanele (44) uke wabhalela iphephandaba lomphakathi iKwasa neZaKwaZulu ngaphambi kokuvela kuZalo nakwiDurban Gen.
UZanele uthe okwamfaka ekulingiseni ukubheduka kweCovid-19 emhlabeni jikelele okumphazamise ezinhlelweni eziningi. "Ngajoyina inkampani efunela abalingisi imisebenzi iMizan Agency. Ngokushesha ngabe sengithola ithuba lokulingisa kuZalo nakwiDurban Gen."
Abaningi bambonile uZanele elingisa indawo kamastende kaMaMlambo kuZalo kanti kwiDurban Gen ubengomunye weziguli. Uthe okumenza angabi mningi ekulingiseni usaxinwe ngamabhizinisi ngenxa yokuthi asechume kakhulu. Uthe umatasatasa kulezi zinsuku ngenxa yamakhasimende enkampani yakhe i-Undabuko Enterprise.
"Ngokokuqhubeka nemfundo ngenze izifundo ze-Paramedics kodwa ngangasebenza. Ngaqhubeka ngenza ezeFashion Design kwaLindiwe Khuzwayo Fashion Academy." Uthe yize ebeseneziqu zale misebenzi kodwa uqhubekile nokufundela eminye. "Ngo2010 ngaba sengiqhubeka ngenza izifundo zokupheka lapho ngabona ukuthi angisungule ibhizinisi lami ngoba kwakungelula ukuthola umsebenzi.
Ngabe sengivula isitolo enkabeni yedolobha laseThekwini. Ngabuye ngaba yiWedding Planner ngihlelela abantu imishado, ngigqokise umakoti nezimpelesi zakhe, ngibaphekele futhi ngibahlobisele indawo abazoshadela kuyo."
Uthe kulezi zinsuku umatasatasa kakhulu njengoba imicimbi seyivuliwe nje. Uthe okumenza asebenze ngokuzikhandla ukufuna ukukhulisa abantwana bakhe bamantombazane ngoba usebakhulisa ngayedwa emuva kokwehlukanisa nomyeni wakhe ngo-2013. UZanele waphothula uGrade 12 eMyeka High ngaphambi kokuyofundela umsebenzi e-Envy College.
Uthe eminyakeni ezayo uzibona elingisa izindawo eziqavile emidlalweni yakuleli nasemafilimini esezingeni lomhlaba.