Umlingisi woMkhokha: The Curse, uHope Mbele, udalule imfihlo yakhe ngokwamenza wanqoba izilingo zasezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uthe yena wasizwa ukuba yintombi yoMhlanga.
UHope (27) ukhulume kanje kade eluleka abafundi basezikoleni zasendaweni yaseMathulini, eMthwalume, ebebemukeliswa imifundaze eBlue Marlin Hotel, eScottburgh ngoMgqibelo.
"Ngangingenaso isikhathi sezinto eziningi ngobà ngangibuya enyuvesi ngizohlolelwa ubuntombi koMkhulu ngaze ngaba neminyaka ewu-21," kusho lo mlingisi owenzelwe umemulo kubo eseneminyaka ewu-26.
Uthe yingakho ayebahleka usulu ababebuza ukuthi babezizwa kanjani kwiShaka iLembe, njengoba babehanjiswa ngamabele. Uveze ukuthi kuye inkonyane yayingasithuki isisinga ngoba ubezihambela ngamabele esahlolwa futhi esahamba uMkhosi woMhlanga.
UHope ubonge kakhulu inkosi yaseMathulini ebuye ibe yiLungu lePhalamende, eKapa, uBhekizizwe Luthuli, ngokuqhuba umkhankaso wokuhlolwa kwezintombi endaweni yayo.
Uthe imiyalelo kaLuthuli iyona emgcine waze wafika kuleli zinga akulo.
Uthe nakuba esebuya emazweni amaningi aphesheya kwezilwandle kodwa akakulibalile ukuthi ungubani.
Ubuye wadonsa ngendlebe abafundi ukuba bagweme abantu abadala ababaheha ngemali.
Unxuse nabazali ukuba bathandazele izingane zabo ngoba buxhaphakile utshwala bamahhala.
UHope ungumlingisi osebuya kuZalo, Shaka iLembe, Goodbye Gogo nakweminye imidlalo futhi usebuya kosakaza kwiMetro FM kanti useke wasakaza nohlelo lo mculo kuSABC 1.
Ngaphandle kwale misebenzi, uHope uthe unoxhaxha lwamatekisi.
Uthe kwaqala umkhulu wakhe waba ngumshayeli wamabhasi kwase kulandela abazali bakhe njengoba naye esengusomatekisi.
Uthe abafundi kufanele baqinise ngempela emfundweni ukuze babe nekusasa eliqhakazile.
"Bengihlela ukuqedela izifundo zami ze-Honours bese ngiqhubekela kwi-Masters kodwa ngabuye ngazimisa lezo zinhlelo ngenxa yokuxinwa wumsebenzi. Kufanele ngifunde ngoba angazi kuyokwenzekani uma iGagasi livalwa noma uMkhokha uphela."
Abafundi abahlanu banikezwe imifundaze kaR100 000 umfundi ngamunye, ama-laptop nama-cellphone, kwathi abawu-12 banikezwa imali yokubhalisa ewuR6000, umfundi ngamunye. Konke sekuphelele kubiza uR2.5 million.