UMSAKAZI woKhozi FM, uPhindile “Phindi P” Phewa, uthi abantu basadinga ukufundiswa ngokuthi ukulingisa kuyini?
Lokhu kulandela ukuthi lo msakazi egxekwe ngendawo ayilingisa kwi-Durban Gen kwi-e.tv. UPhindi P ushayela uhlelo oluthi Ulibo Lokuqala olungena ngo-3 kuya ku-5 ekuseni ngoLwesibili kuya kuLwesihlanu aphinde angene ngeSonto ekuseni ngo-7 kuya ku-9.
KwiDurban Gen ekhonjiswa ngo-6.30 ntambama phakathi nesonto, le ntokazi idlala indawo kaNtombi.
UNtombi usanda kubanjwa ngumyeni wakhe elele nesoka embhedeni.
“Indaba yokulingisa abantu abakayayiqondi kahle. Abaningi bebengigxeka, bethi ngingayenza kanjani into enje ekubeni ngiyikholwa ngenza nomculo wokholo? Bese ngibaziba ngoba ngibona ukuthi abaqondi ukuthi ngiyalingisa,” kusho uPhindi P.
Uthe uzimisele ngokuthatha noma yiyiphi indawo yokulingisa ngoba uyakuthanda futhi ufuna ukukhula kulo mkhakha.
“Bengijwayele ukudlala emafilimini eMzansi Bioskop, iDurban Gen yindawo yami yokuqala emdlalweni owuchungechunge. Ngibone ithuba ngathi angilithathe ngoba ngizimisele ngokukhula. Abaphathi bangithandile nababukeli ngoba bebefuna into ezodonsa ababukeli njengoba kuqala isizini. Kunethuba lokuthi ngiqhubeke nokubonakala ngoba uNtombi akafile,” kuchaza yena.
Uthe nasemsakazweni izinto zimhambela kahle njengoba ngempelasonto ehlabane ngendondo yakhe yokuqala emiklomelweni ama-Independent National Gospel Music Awards. Uthole indondo yeBest Gospel Presenter ngohlelo Ulibo Lokuqala.
“Kungijabulisile ukunqoba ngoba ibiminingi imisakazo ebengibanga nayo ngakho ukunqoba kuyisibusiso ngoba yindondo yami yokuqala emsakazweni. Nginovalo manje lokuthi ngibuye nayo nakumaCrown (Gospel Music Awards). Ekugcineni kuyavotwa ngakho ngeke wazi.”
KumaCrown uqokwe ngohlelo olufanayo emunxeni weBest Gospel Show.
Uphethe ngokudalula ukuthi uhlela ukwenza ikhonsathi lapho ezoqopha khona bukhoma ngoFebhuwari kodwa imininingwane uzoyidalula ngesonto elizayo.