UGONYULUKE ngokumenze washiya kwiMbewu umsakazi oselingisa kuMkhokha The Curse.
Umsakazi woKhozi FM, uKhathide Tshatha Ngobe, ugeqe amagula ngokumenza washiya phansi ekulingiseni kwiMbewu.
Lo msakazi ngesikhathi eshiya kwiMbewu, uveze ukuthi ukuqopha kumosha isikhathi sakhe esiningi, yingakho ebone kungcono akuyeke.
Enkulumweni abe nayo nentatheli yeSolezwe ngoMgqibelo, uthe isizathu asisho ngokushiya kwakhe kwiMbewu, besingelona iqiniso, ubelandela umyalelo webandla.
“Engakusho ngesikhathi ngishiya kwi-Imbewu kwakungamapunge. Empeleni, ngaleyo nkathi bengisakhonza koFakazi bakaJehova. Kwathi uma ngivela kwiMbewu, abadala ebandleni bangibizela umhlangano, bezongigxeka ngokuthi sengiwumlingisi.
Bethi ngilandela udumo lwezwe, ngingcolisa umoya wami futhi lokhu ngeke kube yisibonelo esihle entsheni yebandla.
Ngaphuma kulowo mhlangano ngabhalela ubaba, uDuma Ndlovu (ongumdidiyeli wemidlalo eminingi kamabonakude, okubalwa, iMbewu noMkhokha) ngimazisa ukuthi ngicela ukushiya kwi-Imbewu, ngoba anginaso isikhathi esanele sokuqopha. Ngisho ngiqamba amanga, ngangenza amaqhinga okuyeka“, kulandisa uMakat’azidudla.
Eqhuba, uthe kube yileso isizathu sokushiya kwiMbewu, hhayi ngoba isikhathi wayengenaso, wayelandela imyalelo yebandla.
KuMkhokha umfo kaNgobe, udlala indawo kaZisebenzele, umalume kaSphamandla, ohlala kwadadewabo uMaNzimande. Uthi uyayijabulela indawo ayilingisayo. Uthembisa abathandi boMkhokha ukuthi balindele into yamehlo.
“Le ndawo engiyidlalayo iyindawo emnandi kakhulu. UZisebenzele wumuntu oyixoki othanda ukuncokola, aziphuzele utshwala. Noma eyindoda ethanda ukuncokola futhi enamahlaya kodwa impilo yami ihluke kakhulu kuneyakhe.
Engingakusho nje, basazojabula kakhulu ngomalume uZisebenzele ababukeli,“ kuphetha uKhathide.
Bethintwa oFakazi bakaJehova ngokushiwo wuTshatha bacele ukuthunyelelwa imibuzo base bephendula nge-email kanje: “OFakazi bakaJehova bafunda iBhayibheli nabasuke bethanda, ababuye bazinqumele bona ukuba yingxenye yemihlangano ngenxa yabasuke bekufunde eBhayibhelini. Emuva kokuthola ulwazi lwemibhalo, umuntu ngamunye uzithathela yena izinqumo ngokukanembeza oqeqeshwe ngezimfundiso zeBhayibheli.”