OWAZAKHELA udumo ngokulingisa indawo kaJonathan Motene kwiGenerations, uWright Ngubeni, ukhuza ibuya kwiTV. UWright (34) uzokwethula uhlelo olwenziwa ngokubambisana yiMoja Love neShowmax, iKuRuff. UWright, owaqala ukwethula izinhlelo zeTV esemncane, wagcina ukubonakala kumabonakude enza uhlelo iLove Back.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, iKuRuff wuhlelo oluzoqala ukukhonjiswa kuShowmax ngoLwezibili kusukela ngo-Ephreli 17. Bathe luzobe lugxile kakhulu kubantu abathwala izindleko emakhaya, okuyibo abondlayo futhi babuye bafundise izingane, okubizwa ngentela ekhokhwa ngumuntu omnyama (black tax). UWright uzobonakala ekhulumisana nababhekene nalowo mthwalo nalabo abaphenduke izimbungulu ezincela igazi lakhe bese kuqhanyukwa nesisombululo ekuxazululeni le nkinga. UWright uthe awukho umthetho obekelwe ukuxazulula i-black tax nokuthi kungabhekwana kanjani nayo.
"Kubi. IKuRuff imayelana nokuguqula impilo yabantu ngendlela enhle yokuba kuxoxiswane, okuyinto esingavamisile ukuyenza njengabantu abamnyama."
Uthe uyayazi i-black tax, yize ayengayikhokhi kubantu bakubo ngqo kodwa wayencelwa igazi yizihlobo engazi. "Emndenini wami besihlale sizama ukukhuphulana futhi siqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyaphumelela. Kwesinye isikhathi kuyenzeka kube khona ozithola esethwele umndeni. Lokhu sengikubona manje sengimdala."
Uthe akukhona ukuxhashazwa ngemali kuphela kodwa nangokwengqondo kuyamkhahlameza umuntu. "Ngibabonile abantu abaningi njengoba sengisebenza KuRuff."
UWright waqala ukuvela kwithelevishini eneminyaka emihlanu ohlelweni iKideo. Wabuye wadlala indawo eqavile emdlalweni weTV owawuthi Street Life eseneminyaka engu-11 ngaphambi kokulingisa kwiGenerations eneminyaka ewu-13. Esemdala ulingise kwiRhythm City, Heist nakuThuli noThulani.