INTANDOKAZI yomlingisi edume ngokudlala izindawo zobugebengu, u-Israel Matseke Zulu, ixinwe wukugula yashiya kwiGomora kuleli sonto, yaphuma ngokudutshulwa.
Lezi zindaba ziqinisekiswe nguyena, ngokuthi athi usethatha umhlalaphansi. Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe ukugula kuqondane nesikhathi abezibekele sona sokuyeka ukulingisa.
“Nginenkinga yokuphathwa yizinyawo. Selokhu zangiqala eminyakeni eyisithupha edlule. Zingiqinise kakhulu ngesikhathi ngiqala ukuqopha neGomora, njengoba ubonile esiqeshini sokugcina, ngifike ngihamba nge-sihlalo esinamasondo ngenxa yokuthi bekungasahambeki. Yize ngiphume sengixinwe wukugula kodwa kuqondane nesikhathi ebengizibekele sona sokuthi sengithatha umhlalaphansi ekulingiseni. Sesiside isikhathi ngenza umsebenzi owodwa, sengibheke izinto ezinkulu manje kuyona imboni yokulingisa nasemculweni engikuwona. Nodokotela ukhalile ngokuthi ngima isikhathi eside uma ngilingisa ngoba siqala ekuseni kakhulu kuze kushone ilanga simi ngezinyawo,” kusho u-Israel.
Uthe ngokohlelo lwakhe, ubengafuni ukuthi kuze kufike isikhathi sokuthi ahambe emhlabeni esaziwa njengomlingisi. Uveze ukuthi nangesikhathi efika kwiGomora washo ukuthi ngeke ahlale isikhathi eside ngoba uzimisele ngokukhula empilweni.
Kwenzeka lokhu nje umsakazi woKhozi FM, uBheka “BeeKay” Mchunu uphinde waxinwa ukugula ngesikhathi ebuyela emsakazweni (lokhu besekumenza okwesibili). Okokuqala uhlelo lwabanjwa wuKhetha Gwala, kuloku lubanjwa uNomfundo Mkhize ongumdidiyeli walo.