UMSAKAZI weGagasi FM, uNomalanga "The Flame" Shozi, unyelwe yinyoni esandleni njengoba esezokwethula uhlelo obelwenziwa nguPearl Thusi kuBET Africa, iBehind The Story. UNomalanga (26), osakaza uhlelo lwantambama noDJ Warras oluthi That Drive, uzoqala ukubonakala kwiBehind The Story ngo-Okthoba 9 ngo-6.30 ntambama.
Ephawula ngale mpumelelo, uNomalanga uthe ujabule kakhulu ngoba uzoziphonsela inselelo.
"Le nkundla engiyinikezwa yiBET Africa izokwenza ababukeli bazi olunye uhlangothi ebebengalwazi ngami. Awukaze wambona uNomalanga enje ngaphambilini." Eqhubeka uNomalanga, ubonge kakhulu uPearl ngokuba yivulandlela yalolu hlelo.
"Mama Pantha, ngiyabonga ngomsizelo owushiyile futhi ngizoqhubeka lapho ugcine khona," kuphetha uNomalanga odabuka ePort Shepstone.
Isikhulu seBET International, uMonde Twala, sihalalisele uNomalanga ngale ngqayizivele yethuba agixabezwe lona.
"Siyaziqhenya ngokugqamisa nokuthuthukisa intombazane emnyama e-Afrika jikelele ngezinhlelo zeBET Africa." UMonde ube esetusa amagalelo kaPearl kulesi siteshi sethelevishini. "Kube yinto enkulu ukwabelana noPearl lolu hambo njengomethuli nophrojusa walolu hlelo kula masizini amane adlule. Bobabili, uPearl noNomalanga, bayizingqalabutho nompetha besiko nempucuzeko yabantu amnyama. Sibafisela impumelelo enkulu ezahlukweni zabo ezintsha," kuphetha uMonde.
KwiSeason 5, uNomalanga uzoqala ngokukhiphela eshashalazini obewunkosikazi yowayengungqongqoshe wakuleli, uNorma Mngoma, umrepha, uReason, nomculi oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngenoni elithi Osama.
UNomalanga yiciko elinoxhaxha lwamakhono njengoba ebuye abe ngumlingisi oseke wabamba iqhaza kwiRhythm City, Isono neMTV Shuga.
Waqala ukugqama emkhakheni wokwethulwa kwezinhlelo zeTV ngesikhathi emenyezelwa njengomethuli wokuqala weBET Breaks Africa ngo-2018. Useke wamela i-Afrika emicimbini eminingi yeBET emhlabeni jikelele okubalwa kuyo amaBET Awards, BET Soul Train nakumaBET Hip Hop Awards. Kule micimbi uthole ithuba lokukhuluma nosaziwayo bamazwe ngamazwe abanjengo-Erykah Badu, Common no-Angela Basset.