INKAKHA yomlingisi weDurban Gen, uMeshack Mavuso Magabane, ithi isiqalekiso esashiywa yiLembe, uShaka kaSenzangakhona kubantu baseNingizimu Afrika, ngeke siphele bengayile koxolisa ethuneni leLembe.
Ukusho lokhu njengoba eqondisa umdlalo weshashalazi okhuluma ngempilo yeLembe, iShaka Zulu. Uthe iLembe njengoba laqalekisa izwe lathi liyobuswa yizinyoni zezulu ngesikhathi belisoconga, namanje abantu baphila ngaphansi kwaleso siqalekiso njengoba izinto zimapeketwane ezweni. Uveze ukuthi ngalo mdlalo uveza ubuhle beLembe ngoba abamhlophe badukisa umlando ngemidlalo namafilimu abawenza ngalo, beliveza njengomuntu owayehlala efuna ukuchitha igazi okuyinto engelona iqiniso.
“ Sesifikile isikhathi sokuthi sisukume sibhale izindaba zethu ngempilo yethu. Akumele silinde ezinye izinhlanga zibhale ngathi ngoba ziyawudukisa umlando. Ngomdlalo iShaka Zulu ngiveza ubuhle ngeLembe obufihlwayo uma kukhulunywa ngempilo yalo. Nginxusa nabaholi ukuthi bayoshweleza edlinzeni leLembe ukuze kusuke isiqalekiso esiphezu kwethu. Ngendlela izinto ezingahambi kahle ngayo uyabona ukuthi kungenxa yesiqalekiso esashiywa yiLembe esingalungiswa ngokuthi sizehlise siye edlinzeni laso siyocela intethelelo,” kusho uMagabane.
Umdlalo, iShaka Zulu uqondiswe wuMagabane, wabhalwa uBongani Linda ongasekho emhlabeni. Kumanje lo mdlalo ukhonjiswa eState Theatre, uzoze uphele ngoNovemba 14.
Phambili kudlala uThembinkosi Chagwe odlala indawo kaShaka Zulu, Nkanyiso Bhengu onguDingane, Mduduzi Mabaso onguMshongweni nabanye.
UMagabane uthe lo mdlalo uphekwe kabusha futhi balande abasini bengoma abangu-25 abahlala emahostela. Uthe lokhu bakwenze ngenhloso yokuthi basebenzise abantu abayiqonda kahle ingoma njengoba kuyinto abayenza zonke izinsuku uma behleli ehostela. Iningi labagida kuwona uthe liqhamuka kwaZulu-Natal futhi banezinhlelo zokuthi uhambele nakwezinye izindawo.
Abanye abaziwayo abakulo mdlalo, kukhona uZakhele Mabasa Mokone, Mpho Malatsi, Paulinah Manyama nabakwibhendi okungoSimphiwe Skhakhane noZakhele Mabena ongomunye wabaqondisi.