OWADUMA ngokulingisa kwiGenerations futhi osengumbhali wezincwadi uRosie Motene, uzogeqa amagula ngohambo lwakhe nesifo somdlavuza webele kwi-European Film Festival ,eqale ngoLwesine.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, uRosie, oseyisishoshovu esiqwashisa ngesifo somdlavuza, uzobe eyingxenye yabantu abasinde kulesi sifo abazobe bedingida ngohambo lwabo.
Ingxoxo kaRosie iqondaniswe nomkhankaso wokuqwashisa ngalesi sifo njengoba kungu-Okthoba. Lesi sithangami esibizwa nge-The Bright Side: Surviving The, sizodingidwa bukhoma kusetshenziswa ezobuchwepheshe kwiLive Zoom ngoLwesibili kusukela ngo-6 ntambama.
Le ngxoxo izobe ihambisana nefilimu esihloko sithi The Bright Side, ekhuluma kabanzi ngosomahlaya olashelwa umdlavuza. Kule filimu kuvezwa impilo eseyingane nabanye ozakwabo ababhekana nezingqinamba
Umqondisi wefilimu, uRuth Meehan uthe iThe Bright Side igqugquzelwa yinhlanganisela yokuthembeka kuka-Anne Gildea, nohambo lwakhe esenomdlavuza nevuvama ahlangabezane nazo ngenxa yesifo somdlavuza.
"Ibhekiswe kumaqhawekazi anoma yikuphi," kusho uRuth. Naye uRuth uzobe ebambe iqhaza kulesi sithangami ,okuzobe kudingidwa ngomdlavuza ngokubambisana no-Anthea-Lynn Lewis weGlobal Hero of Hope, osesinde kwaze kwaba ngamahlandla amathathu, esifweni somdlavuza.
Njengamanje u-Anthea usebenzisana nezingane namatshitshi njengoba engumxhumanisi weCANSA Tough Living with Cancer (TLC). Uhlale egubha impilo usuku nosuku futhi efafaza ithemba emphakathini.
*Abafuna ukuthamela ingxoxo iThe Bright Side: Surviving The Journey bechofoza ekhasini elibhalwe ukuthi Online Discussion kanti abafuna ukubona ifilimu bangachofoza kwiFilms. Yonke le minininingwane iyatholakala ku- www.eurofilmfest.co.za.