UPHELELWE amazwi okubonga umlingisi uThuso Mbedu, ohalaliselwe ngabantu abahlukene emuva kokuvela izindaba zokuthi uzodlala indawo ephambili efilimini nomlingisi ohlonishwayo uViola Davis.
UThuso (29), okuthiwa wake wakusho ukuthi uyafisa ukusebenza noViola, uzolingisa efilimini iThe Woman King.
UViola nenkampani edidiyela ifilimu, iJuVee Production yaseLos Angeles, babhale emakhasini abo kwiTwitter ukuthi bajabule ngalokhu.
UThuso uthe amaphupho ayafezeka.
"Uthando nokungeseka eningikhombise khona kuyamangalisa futhi kungishiye ngiphelelwe amazwi. Amazwi enu okungigqugquzela angenza ngithobeke kakhulu. Ngiyabonga ngokukholelwa kimi," kusho uThuso ekhasini lakhe leTwitter izolo emini.
Uthola le ndawo efilimini nje, ulungiselela ukuqala ukubonakala elingisa indawo ephambili emdlalweni waku-Amazon iThe Underground Railroad eqala ngoMeyi 14.
Abantu abaningi okubalwa kubo nosaziwayo baseNingizimu Afrika bamhalalisele kakhulu ngalokhu.
Phakathi kwabo kubalwa uTerry Pheto, Winnie Ntshaba, Minnie Dlamini, Jessica Nkosi, Pearl Thusi, Zola Nombona nabanye.
Lo mlingisi oke wahlala oLundi naseMgungundlovu, uke walingisa emidlalweni okubalwa kuyo iSaints and Sinners, Generations: The Legacy, Scandal!, Is'thunzi neminye futhi waqokwa emiklomelweni ama-Emmy Awards.