Azikhali, ziyatetema. Njengoba kuhlale kusho abantu ezinkundleni zokuxhumana uma isimo sesingaphezu kwamandla nokuqonda kwalowo osiqalile.
Ngempela ukukhula kolimi yinto encane uma ubheka amagama esimanje asesetshenziswa ngabantu abasha, ukuchaza izimo ezahlukene futhi avele athi khaxa esimeni esichazwayo.
Kulokhu kuthiwa ziyakhala zikwi-’loudspeaker’ wena owezwa igqomu idlala ematekisini abheke ephoyinti. “Yini na le elokhu ikhalile?” kubuza abantu.
Phela iqili libhajiwe, umdlalo wethelevishini iSkeem Sam, ususe okukhulu ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngeziqephu zikaMelita noMnuz Kgomo.
UMelita yintokazi eyiyengandoda, eyaziwa wumphakathi wonke ngokushendeza namadoda aganiwe. Kuthiwa lapho kudlule khona uMelita, kusala kukhalwa.
Phela intokazi imi kahle, yilamba-lidlile elishaya ngamabhanyaza amehlo akudonsa ukude, le. Ngonyaka odlule wagadla kusomabhizinisi wendawo uMeike, encinzana nomyeni wakhe kwancane indawo. UMeikie wayephefumula ngenxeba kucaca ukuthi umendo wakhe ulengela eweni.
Ukuthi wasinda kanjani lowa mshado? We mina, We wena.
Ukwenza kukaMelita kwashiya amakhosikazi ebabambela eduze abayeni babo. Usubona ngeso gunqu kuhle kweso lomthakathi, uma unkosikazi ebuka umyeni wakhe lapho kuqhamuka khona uMelita.
Kulokhu ugadla enkosikazini yomphathi wakhe ngqo. “Isibindi sika-gal,” kusho abanye omam’ usgebengu ezinkundleni zokuxhumana.
Baningi abazame ukuxwayisa uNkk Ivy Kgomo, unkosikazi kaMnuz Kgomo, kodwa niyawazi nani amakhosikazi ezikhulu, ubebatshela ezikaBhoqo, ethi umyeni wakhe akasoze amgile umthanda kabi.
We! mame. Phela usisi omdala ubecabanga ukuthi uyindlovukazi yesizwe. Kuthe uma esebona ukuthi kukhona okushaya manzi akangazinikeza ithuba lokwenza uphenyo oluqondile. Wazikhethela umsolwa othandwa nguyena, wangena nezicabha emzini yabantu. Kanti uxamu ugeje umgodi.
Tshwaro Strssfree Bridget: “UNkk Kgomo akame kancane ngokuhamba esola abantu, angithi wathi umyeni wakhe akayona inhlobo ejolayo, yindoda ekhonza uNkulunkulu, lapho esukela uNkulunkulu ngoba akazi lutho ngalo mlisa.”
Mabela Mabela: “Yabona ukwenza izinto ngolaka, uzenza ngamawala ugcine ususola nabantu abangenacala. Yingakho kubalulekile ukuthi wenze kahle izinto uthathe izinqumo usuwehlisile umoya wacabangisisa kahle.”
Maria Tladi: “Lo muntu wesifazane akakwazi ukucabanga, uMaNtuli wazama ukumbonisa, wabhoka ngolaka wathi eyakhe indoda ingcono kabi ayiwenzi amanyala.”
Ausy Mogoshadi:“Ngikhumbula uMnuz Kgomo etshela uMeikie ukuthi akafani nomyeni wakhe ontekenteke ohamba ethola amashende, kunjani uma kunje, usephefumula ngenxeba."😂😂
Kuthiwa baningi abantu abanjengoNkk Kgomo, abalwa nabantu abazama ukubasiza kepha bababona sekuhlwile ukuthi eqinisweni bekusizwa bona.
UMelita wenze ezibukwayo ebhubhudla imali kaKgomo, ezenzela umathanda ngale ndoda ecwila othandweni le ntokazi enhle esencane.
Kuthe sekubhimba uhlelo uMelita esefuna okukhulu kakhulu kuMnuz Kgomo kwacaca ukuthi hhayi akusavumi, uKgomo useshaya phansi ngonyawo.
Ayihluphanga-ke intokazi, ivele yavuka nesesheli esisha sha, umacekeceke wento eyithengela izipho.
Abantu abaningi bathi yithuba elihle lokuthi uMnuz Kgomo aphume ngempela kuleli qola lentokazi, kodwa....
Kubonakala kungelula ukuthi uKgomo aphume kule ntokazi ngoba uyavutha yisikhwele! Uzama ukuthengela intokazi izipho ezidlula lezi zesesheli.
@Amza_5:“ Ngicabanga ukuthi uMelita usebenzisa uMnuz Langa ukwakha isikhwele kuMnuz Kgomo futhi kuyasebenza. Dlala Kaputeni!”
Gloria Raphenyo: “Bengithi yithuba elihle leli lokuthi uMnuz Kgomo ahlukane noMelita, kanti usecwila othandweni futhi usefuna nengane kodwa akakwazi ukukhokhela izindleko zabasizayo ekhaya lakhe!”
Nosipho Zwane:“Wake wezwa kuphi indoda eshadile ikhalela ishende layo ikhiphela usizi lomjolo kunkosikazi wayo?”
Uyayazi imfishimfishi? Baningi abantu abangoMelita, Mnuz Kgomo, Nkk Kgomo emphakathini. Yingakho lo mdlalo uvusa izilonda kwabanye. Kanti abanye bathi shosho amadoda ajolayo kumele azitholele oMelita babo abazobagila igoda phezu-kwempandla.