UMCULI kamaskandi wodumo lwengoma ethi Dali Wami, uSfanele “Mzukulu” Zulu, uzonandisa bukhoma ohlelweni lwezemidlalo kwiSABC 1, iSport@10, namhlanje ngo-10 kusihlwa.
UKhuzani Mpungose, ongukaputeni weqembu likamaskandi, uthe kuzobe kuzokhulunywa ngendumezulu yomqhudelwano webhola iJammin 2 Soccer Tournament, engeSonto ezinkundleni zemidlalo zaseNyuvesi iJohannesburg (AW Muller Stadium). Kulolu hlelo, uKhuzani uzohambisana nokaputeni weqembu le-hip hop, uSiyabonga "Big Zulu" Nene, oweqembu lowokholo uMdumiseni "Dumi Mkokstad" Nzimande, noweqembu legqom' uMthokozisi "DJ Tira" Khathi.
Umdlalo wokuqala ngo-11 ekuseni, uzobe uphakathi komrepha nomaskanda bese owesibili ube ngo-1 emini phakathi kweqembu legqom' nabaculi bokholo. Amaqembu adle umhlanganiso azotholana phezulu emzuliswaneni wamanqamu ngo-5 ntambama. Iqembu elizokhala lemuke nesicoco lizohlomula ngesamba sikaR250 000 bese elizokhala ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu lithotshwe izinhliziyo ngoR100 000, iqembu ngalinye. Ngonyaka owedlule umncintiswano wawinwa yiqembu likamaskandi, liqumba phansi omrepha ngamabili eqandeni.
Umdlalo wokuqala wawuphakathi kweqembu le-hip hop nelegqom', kwawina ele-hip hop ngamagoli amathathu kwamabili. Umdlalo wesibili wabaphakathi kwelikamaskandi nelamapiano, kwahamba phambili omaskandi ngamaphenathi emuva kokubambana ngelilodwa. Omaskanda baklonyeliswa ngoR100 000 kwathi iqembu le-hip hop lathola uR50 000. Abaphuma ekuseni banikezwa uR25 000, iqembu ngalinye.
Kwakuqala ngqa kubonakala umrepha ongasekho uKiernan "AKA" Forbes, ejabulelana nembangi yakhe, uRefiloe "Cassper Nyovest" Phoolo, njengoba babeseqenjini lomrepha. Lemidlalo exhaswe ngabeHollywood Bets, Icebolethu nabeScore, izosakazwa bukhoma kwiSABC noma kwi-SABC+ App.
Abafuna ukuzibonela bukhoma lamaqembu eqhuthana amazenze bengazihlinzeka ngokuthenga amathikithi Webtickets/Pick n Pay nakwiComputicket/Shoprite, kukhona elikaR100 nelikaR250.