YIZE esengene kwezokulingisa ngendawo ayithole kwiHouse of Zwide kodwa uSimphiwe Majola akaziboni engena kulo mkhakha ngokugcwele.
USimphiwe odume ngokuphatha izindaba zosaziwayo nengqephu, uqale ukubonakala ngoLwesihlanu kulo mdlalo omusha. Uvele esembukisweni wengqephu wokubungaza iminyaka ewu-25 kwasungulwa iHouse of Zwide, obuhlelwe nguFunani Zwide (Vusi Kunene).
Ekhuluma nephephandaba ukuqinikesile ukuthi uyingxenye yomdlalo oqale ngoMsombuluko odlule.
"Ngingenile ngoba umdlalo ukhuluma ngento engiyithandayo okuyingqephu, lokho akusho ukuthi sengiwumlingisi noma ngifuna ukungena shiqe khona. Abantu basazobona lukhulu ngendawo yami," kusho uSimphiwe.
Ulingisa kulo mdlalo nje, uphezu kwamalungiselelo okusingatha umcimbi wezindondo zengqephu, awethule ngoFebhuwari, oobizwa ngeFashion Industry Awards South Africa.
Kuzoba ngokokuqala ngqa ukuthi kube nalo mcimbi wengqephu okulindeleke ukuthi ube ngoNovemba. Kuvela ukuthi uSimphiwe usazoqhubeka nokubonakala kwiHouse of Zwide asebenze kakhulu noLazarus, umlingiswa odlalwa nguKhaya Dladla.
ULazarus uyisethenjwa sikaFunani, ebhizinisini lokusika ingqephu iHouse of Zwide. Lo mdlalo uqale ngesonto eledlule kanti ungena esikhaleni seRhythm City ephele ngemuva kweminyaka engu-13 idlala. Uqale ngesasasa njengoba abantu bakhuluma ngawo ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bayancoma abanye bathi abayizwa indaba yayo.
UMademoiselle uthe akacabangi ukuthi umdlalo uzohlala isikhathi eside ngoba usola ukuthi kube nehaba ngokukhangiswa kwawo.
UPikachu uthe akayizwa kahle.
"Ngiyayithanda iHouse of Zwide. Ngiyathemba ukuthi umdlalo ngeke ulokhu udonse into engathi shu! size sibhoreke. Ngiwumthandi wengqephu ngiyacela ningasiphoxi ngalo mdlalo," kusho u-Angela Sithole kuTwitter.
U-@officialtinym uthe umdlalo mfishane kakhulu ufuna udlalwe ihora lonke.
UKhaya Dladla uthe uke wakubona ukuphawula kwabantu kuTwitter ngokuthi uma imidlalo iqala ibe mnandi bese iyabhora.
"Lona uhlukile ngoba ngijatshuliswa wumdlalo ngisafunda nje umbhalo ngendawo engiyilingisayo. Ngihleka ngize ngigingqike phansi," kusho uKhaya.
Abanye abalingisi abaphambili kwiHouse of Zwide ngoWinnie Ntshaba odlala indawo kaFaith Zwide, Jeffrey Sekele ongu-Isaac, uMotlatsi Mafatshe onguMolefe, Nefisa Mkhabela olingisa indawo ka-Ona Molapo, Shalete Sikhabi onguShoki nabanye.