UMETHULI wezinhlelo waphesheya kwezilwandle uSteve Harvey, uveze ukuthi kuyamjabulisa ukubuya kwesizini yesibili yohlelo iFamily Feud, njengoba kukuningi akufunde ngamasiko akuleli kwisizini yokuqala.
Lokhu ukudalule ngemuva kobuya kohlelo njengoba luqale ngeSonto ku-e.tv (DStv194) ngo-6.00 ntambama. Kulolu hlelo kuba nemindeni emibili eqhudelanayo ngokuphendula imibuzo ehlukene, iphinde idlale bese kuthi ekugcineni kuwine owodwa.
USteve Harvey uthe uphatheke kahle ekuleli ngesikhathi eqopha uhlelo futhi ujabule ngokuthi kubuye isizini yesibili.
“Ngesikhathi ngethula uhlelo okokuqala kuningi engakufunda ngezwe laseNingizimu Afrika, abantu bakhona, amasiko ahlukene nezilimi zakhona. Kodwa okwathatha amehlo kakhulu ukudla kwakhona okuhlukahlukene okuthinta amasiko ahlukene akhona. Ngikubheke ngabomvu namanje ukubuya ngizoqhubeka nokufunda okuhlukene nabantu abaziwa ngeRainbow Nation. Ngibe nohambo olumnandi kakhulu futhi engiyohlala ngilukhumbula njalo emkhakheni wami wokwethula izinhlelo,” kuchaza uSteve.
Ubonge abaxhasi bohlelo, waveza ukuthi ithimba lase-USA enquma ukuletha uhlelo kuleli lenza umsebenzi omuhle.
“Sibonga nemindeni ephinde yaba yingxenye yalo yaqopha nathi kule sizini. Ukuba umuntu wakwelinye izwe ngihlala ngibeka izinto ngendlela ezingeyona kodwa kube khona abangisizayo okuyinto ejabulisayo. Abasuke beqhudelana ohlelweni babe othisha kimina njengoba bebengiqondisa emagameni akade ngiwabiza, ngakho namanje ngifuna ukuqhubeka nokufunda,” kuchaza yena.
Lolu hlelo oluqoshwe yinkampani iRapid Blue TV, luzokhombisa iziqephu ezingu-26 kanti luzophela ngo-Okthoba 31.