LUYA kwithelevishini esiteshini seChannel O (320), uhlelo lukaMacG obelubonakala kwiYouTube kuphela iPodcast with MacG.
Lolu hlelo oseluzokwaziwa ngokuthi iPodcast and Chill with MacG, luzoqala ngoSepthemba 1, ngo-9.30.
UMacG ogama lakhe langempela uMacGyver Mukwevho, uzolwethula ngokubambisana noSol Phenduka.
Njengoba luza kwiChannel O uhlelo, kulona kuzobonakala osaziwayo abahlukene nabazoxoxa ngezinto ezithinta imikhakha abakuyona, impilo yabo yangasese nokunye.
UNomsa Philiso ongumqondisi wezinhlelo kwaM-Net, uthe sekuwumkhuba wabo ukunikeza ababukeli izinhlelo ezisematheni ngaleso sikhathi.
“KwiYouTube lolu hlelo belubukwa abantu abangaphezu kuka-250 000 ngenxa yokuthi lukhuluma ngezihloko ezibathinta ngqo futhi abantu bafuna ukuzwa ngazo. Ngakho ke abantu yilokho abakudingayo, manje sesibalethele khona.
“Izinkulumo uMacG ahlale enazo nosaziwayo bakuleli zishiya ababukeli bebambe ongezansi nokunzima ukuthi ungaziziba. Indlela nje ahlale ebabuza ngayo abantu abamvakashele yenza bakhiphe konke nokuyinto esingazi ukuthi uyenza kanjani. Ngakho luzokwenza kahle kwithelevishini, siyajabula kakhulu ukuthi sebeyingxenye yomndeni wethu,” kuchaza uNomsa
Izinkulumo ngxoxo azoba nazo kwiChannel O nazovula ngazo ohlelweni lwakhe kubalwa ekaZahara, Kabelo “Bouga Luv” Mabalane nabanye.
Izingxoxo aseke aba nazo uMacG eka-Israel Matseke Zulu noDineo Ranaka nabaveza ukuthi kwaba njani ukukhula emalokishini abazalelwa kuwona.
U-Israel waveza ukuthi impilo ejele yayimphethe kanjani waveza nokuthi wake wagula kabi nokuyinto abantu ababengayazi.
UDineo wakhuluma ngezinto ezamehlela eseyingane nokunye okumenze waba nokhwantalala esemdala kule ndima yobumnandi akuyona.
UNomsa uthe izingxoxo zalolu hlelo akukho kuzo okungamanga noma abakufakayo ukuze luhehe, konke okusuka kuphuma kulona kusuke kuliqiniso elinganabukelisiwe.