IZOQALA ukukhonjiswa ngoLwesine oluzayo isizini yesibili yohlelo olukhuluma ngempilo kaKelly Khumalo, iLife with Kelly, kuShowmax.
Isizini yokuqala yalolu hlelo yadonsa amehlo abaningi njengoba kulapho uKelly akhuluma khona ngezinto eziningi abantu ababenemibuzo ngazo, waphinde wabonakala efuna izimpendulo ngobaba wakhe.
Le ntokazi, yaseNquthu kodwa manje esizinze eGoli, iveze ukuthi izoqhubeka nokuveza izindaba ezithinta impilo yayo, nokubuya kukamama wayo njengoba baxabana ngesizini ephelile.
“Kukhona konke okwabonakala kwisizini yokuqala, ngibone ukuthi ngiqhubeke ngikhombise abalandeli bami okwenzekayo manje. Ukuba nohlelo olufana nalolu iyona ndlela yokuqhubeka ngikhombise abantu ukuthi empeleni mina ngingubani. Engikufundile ngalolu hlelo ukuthi lunginika amandla okuxoxa udaba lwami. Akekho umuntu ongaqhamuka angitshele okunye ngempilo yami ngoba yaziwa yimina futhi yimina engiyixoxele abantu, akekho ongaqhamuka nokunye okuseceleni ngayo,” kuchaza uKelly.
Uveze ukuthi noma ngabe abantu bayamthanda noma abamthandi kodwa uyilento abayibonayo, iyinhle noma iyimbi.
U-Legend Manqele, onguphrojusa walolu hlelo, uthe uKelly uzobonakala ezama ukupholisa amanxeba akho konke okubi okubonakale kwisizini yokuqala.
"U-Kelly uzama ukwenza yonke into ngendlela yakhe, izimpendulo ayezibheka kubantu abahlukene ngempilo yakhe kuzobonakala zivula elinye ikhasi empilweni yakhe. Leli khasi lizobonakala lingakhathazi yena kuphela empilweni yakhe kodwa nezingane zakhe,“ kuchaza uLegend.
Emazwibeleni alolu hlelo uKelly kukhona lapho ezwakala khona ecacisa ngokuthi akekho okwamanje umuntu asebudlelwaneni bezothando naye kodwa kukhona umuntu adlala naye.
Okunye okuzovela wubudlelwane bakhe nonina, uNtombi, axabana naye kwisizini yokuqala njengoba ayefuna ukwazi ngobaba wakhe.
U-Kelly uthi uphoqekile ukuba alungise izinto nonina njengoba kunguyena emndenini asele naye, nazwana kahle naye