Lolu hlelo luzoqala ukubonakala kulesi siteshi, ngo-Okthoba 16, ngo8.00, ebusuku.
Ingxenye yabantu bakuleli iqale ukuthokozela lolu hlelo kwiShowmax, njengoba manje luza kuMzansi Magic.
U-Irvin Pooe, weMzansi Magic, uveze ukuthi abangabazi ukuthi abantu abaningi kuleli abalitholanga ithuba lokubuka lolu hlelo kwiShowmax, sebezolujabulela manje.
Uthe ziningi izinhlelo zosaziwayo ezizayo, esiteshini sabo abantu abazoqhubeka nokuzijabulela.
Uhlelo luzoveza ukuthi uthando lwalaba luqale kuphi.
UBabes uthe abantu baqale ukumbona ngesikhathi ekhipha ingoma ethi Wololo noMampintsha nokuyilapho base bevele bethandana khona.
“Besithandana kakhulu, sakhipha izingoma ezishisa izikhotha ngenxa yokuthi besihlala sindawonye sisebenza nothando luvutha amalangabi. Kulapho senze khona imali eningi nabantu baqala babona ukuthi ngaphandle kokuthi sisebenzisane ezingomeni eziningi, kahle hle siyathandana,“ kusho uBabes.
Uthe le ncwadi abazoyivulela abantu bayathemba ukuthi bazoyithakasela.
“Uhlelo luzoqala mhla uMampintsha engicela umshado bukhoma emsakazweni, Igagasi FM. Kuzobe sekugqama lapho sibonana khona nomuntu ozosisiza ekusichushiseni ngokuthi yini esizobhekana nayo emshadweni, izingxoxo zelobolo nokukhulelwa kwami. Sizophinde sikhulume futhi ngezigameko ezisehlele, ezenze kwabhalwa ngathi emaphepheni futhi saba wundabamlonyeni kubantu bakuleli,“ kuchaza uBabes.
“Ngeke ngiqambe amanga ukuthi isigameko sango-2019, esasabalala ezinkundleni zokuxhumana asibanga nomthelela omubi, namanje kusekhona la kungenzeki khona ngendlela esifisa ngayo. Ekhaya bamjikisa uMampintsha ezocela ukulobola okokuqala, kwadingeka axolise kubazali bami kuqala nokuzogqama ohlelweni. Kuzobonakala nje izinkinga ezibe khona uMampintsha ezama ukuhlangana nabazali bami,“ kuchaza uBabes.
Lolu hlelo luqoshwe lwakhiqizwa yinkampani, iParental Advisory Productions, ephethwe wuThomas Gumede, Siyabonga Ngwekazi noLungile Radu.
Ezinye izinhlelo okulindeleke ukuthi ziqale kuMzansi Magic kubalwa umdlalo othi Umkhokha, Grootboom and Sons noluthi Izangoma Zodumo.