LUZOQALA ngoLwesihlanu kwiMzansi Magic uhlelo oluqale kwi-1Magic olwethulwa uPhat Joe, oludingida ezisematheni eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele, oluthi Cheeky Palate.
Izihloko okukhona kuzona ezithi Are men trash?, #BlackLivesMatter nezithinta isithembu, yizona ezizohamba phambili kulolu hlelo oluqala ngo-6.00 ntambama.
Uhlelo luzokhombisa iziqephu eziwu-13.
Ngaphandle kukasaziwayo azobe exoxa naye uPhat Joe, kuzoba nabanye abazobe behlanganyele engxoxweni babuye bazijabulise ngezidlo ezehlukene.
Umqondisi wezinhlelo kwaM-Net, uNomsa Philiso, uthe ababukeli bangalindela abantu abaziwayo abazobheka izihloko ezisematheni nezikhathaza umphakathi.
“Izihloko ezehlukene kodwa okuhlale kukhulunywa ngazo emphakathini yizona ezizobe zibhekwa. Ababukeli bethu abakhokhela iziteshi zonke zeDStv nabanye abanaso isiteshi, yibona abazojabulela kuqala lolu hlelo. Singasho ukuthi kuzoba khona nobumnandi njengomculo. Kuzobonakala abantu abaningi abasemkhakheni wobumnandi,” kusho uNomsa.
Kosaziwayo uPhat Joe azohlala nabo phansi, kukhona uShauwn Mkhize, Hlomla Dandala, ilungu le-EFF uLeigh-Ann Mathys, isangoma esidume ngoGogo Dineo nosomahlaya uCeleste Ntuli.
Isiqephu sokuqala esizobe sithinta ubungoma, uPhat Joe uzobonakala nosomabhizinisi wesifazane uNobuntu Webster, umethuli wezinhlelo uGerry Rantseli-Elsdon, Gogo Dineo, Joshua Maponga nomculi uZwai Bala, abazokhuluma ngezinto ezehlukene ezithinta ubungoma.
Khonamanjalo; uhlelo oluthi Seng’khathele olwethulwa uLerato Mvelase, nalo lubuyile kwiMzansi Magic nakwiMzansi Wethu, kanti lukhonjiswa ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.
UThato Molamu yena wethula uhlelo olusha oluthi Abazali esiteshini uMzansi Wethu ngo-7.30 ntambama ngoLwesihlanu.
Kulolu hlelo usiza abazali abancishwa ithuba lokubona izingane zabo, nalapho ebasiza khona ukuthi bakwazi ukuzibona futhi babe nobudlelwano nazo.