KUKHONA abangeneme ngokuphuma kukaDinky Bliss emncintiswaneni, iBig Brother Mzansi.
Abalandeli bakhe, abebephatheke kabi ngokuphuma kwakhe, baqale umkhankaso wokunxenxa abantu ukuthi basayine ngoba befuna ukuthi abuyiselwe ohlelweni.
“Ababukeli bafuna uDinky Bliss abuyele. UDinky uze nobumnandi okungekho noyedwa ongafika kubo. Siyasiqonda isidingo sokuthi kukhishwe umuntu kodwa uDinky Bliss kuningi eza nakho futhi ukubonakala kwakhe emdlalweni bekuzoletha injabulo,” kusho isikhalo esesigcwele izinkundla zokuxhumana.
Izolo emini incwadi eku-www.change.org ibisisayinwe ngabantu abangu-1 887.
UDinky Bliss, ogama lakhe langempela nguRethabile Potsane (29), uthe akukho okubi akwenzile obekungenza aze aphume.
Lo somabhizinisi waseGoli uke wahlala eThekwini naseWelkom.
“Nginamandla, ebengihlala nabo bebesatshiswa ngamandla ami,” kusho yena.
Omunye wabebemele iKwaZulu-Natal kwiBig Brother Mzansi, uMvelo Ntuli, uthi uyakwamukela ukukhishwa kwakhe.
UMvelo (28) waseMgungundlovu ube ngowokuqala ukuphuma ngesikhathi kumenyezelwa abahambayo endlini ngeSonto.
“Kubuhlungu kodwa yisimo somdlalo. Awuhlali uphumelela njalo,” kusho uMvelo.
Yize ephatheke kabi ngokuba ngowokuqala ukukhishwa kulo mdlalo kodwa uthe kulungile. Uthe futhi ngeke akhumbule muntu.
Ngesikhathi umethuli wohlelo, uLawrence Maleka, ebiza igama lakhe, ukhombise ukuthuka.
Bekuphakanyiswe igama lakhe, uGash 1, Mpho waBadimo, Norman noDinky Bliss.
Ukuphuma kukaMvelo noDinky kusho ukuthi sekusele abangu-17 endlini.
Ngesonto lokuqala uQV wazicelela ukuphuma ngenxa yezinkinga anazo. Akukhishwanga muntu, kunalokho kwatheleka abantu abasha, uVyno noNthabi.
Njengamanje iKZN isimelwe nguLuthando “B.U” Mthembu (31), Yolanda “Yoli” Govender (30) noThobeka “Venus” Mtshali (25).
Abasendlini babanga ukuthola uR2 million. Lolu hlelo lunesiteshi salo kwiDStv, ichannel 198. Njalo ngeSonto ngo-6 ntambama, ohlelweni olusakazwa bukhoma, kukhishwa oyedwa kwabasendlini.