KULINDELEKE ukuthi sikhombise ngamafilimu asemazweni ahlukene ase-Afrika isiteshi iMaisha Magic Movies, esesiqalile ukubonakala kwiDStv (Channel 141).
KULINDELEKE ukuthi sikhombise ngamafilimu asemazweni ahlukene ase-Afrika isiteshi iMaisha Magic Movies, esesiqalile ukubonakala kwiDStv (Channel 141).
Lesi siteshi sizokhombisa ngamafilimu aqoshwe emazweni okukhona kuwona i-Uganda, Kenya neTanzania.
Kuleli sizotholakala kuphela kubantu abaneDStv Premium, iCompact Plus neCompact.
Lesi siteshi ngeke nje sigcine ngokukhombisa amafilimu kuphela kodwa nemidlalo ehlukene yakuwona la mazwe izobonakala kusona.
Okunye ngaso wukuthi amafilimu akhona axoxa izinto ezenzeka kula mazwe abakuleli abazojabula ukuzazi, ezinhle nezinye ezithusayo.
Imidlalo ekhuluma ngamasiko izogqama kusona njengoba iqoshwe yabhalwa ngophrojusa abasuka kuwona la mazwe ukuze ibukelwe abantu abahlala nakwamanye amazwe angaphandle kwase-uganda, Tanzania naseKenya.
UGidoen Khobane ophethe emkhakheni wezinhlelo zobumnandi kwaMultichoice, uveze ukuthi lokhu kusho lukhulu kuwona wonke amakhasimende abo kodwa ikakhulu kulawa aqhamuka kula mazwe ahlezi kuleli.
“Ukwethulwa kwalesi siteshi kuyindlela esiqhubeka nayo yokuzama ukuletha amakhasimende amaningi ekutheni ajabulele izinhlelo neziteshi ezihlukene kuDStv. Sifuna indlela abajabulela ngayo ithelevishini kube abangeke bayikhohlwe.
“Sifuna ukuqhubeka nokuletha iziteshi zakwamanye amazwe kuleli ukuze zijatshulelwe ngabantu bakhona asebezinze kuleli. Singagcini nje ngalokho, nathi ziningi iziteshi zethu ezikhombisa izinhlelo zakuleli kwamanye amazwe ase-Afrika. Ngalokhu esikwenzayo sifuna kube nemiphumela yokuthi abantu bachitha isikhathi emakhaya futhi kuthela izithelo ezinhle, ngale ndlela abantu bafunda izindlela ezihlukene esiphila ngazo e-Afrika,” kuchaza uGideon.
Uveze ukuthi bazoqhubeka ngezindlela ezihlukene zokujabulisa amakhasimende abo ngezinhlelo zakuleli abazozibukelwa noma inini noma ikuphi.
Imidlalo namafilimu athe bazowajabulela kulesi siteshi kukhona ethi Damu Moja, Freedom Movie, Kizingo, Kutu, Mume Mzee, Sangita, The Torture, Worlds Tofauti namanye.