UMDLALO oqoshelwa elokishini laKwamashu Uzalo yiwo osaqengqeleza phambili ngababukeli abangu-6 879 581, yize sehlile kancane isibalo sababukeli, izibalo zakamuva azikhalisi.
Ezibalweni zikaSepthemba Uzalo, oluke lwaba nababukeli abangaphezu kuka-10 million, lulokhu lwehlelwa ngababukeli kusukela ngo-Ephreli.
NgoMashi lwalunababukeli abangu-8 149 339 nokuthe ngo-Ephreli isibalo sanyukela ku-8 237 563. Kusukela lapho isibalo silokhu sehla njengoba sesifinyelele ku-6 879 581.
Izinhlelo ezikhombisa ngempilo yabaculi bakamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose noMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele kuSABC 1 aziveli ohlwini lwezinhlelo ezihamba phambili nezinababukeli abangaphezu kuka 1.9 million kulesi siteshi.
Uhlelo lweGcokama Ushuni Kamaskandi! luqale ngoSepthemba 25 kanti ludlala njalo ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
OlukaKhuzani iKhuzani Bo lwaqala ngakusasa ngoSepthemba 26 futhi lona ludlala njalo ngeSonto ngo-5.30 ntambama, zombili azikayiqedi inyanga ziqalile.
Ohlwini lwezinhlelo ezingu-20 ezibukwe kakhulu kuSABC 1 olukhishwe yiBroadcasting Research Council of South Africa aziveli ezalezi zilomo ezizibiza ngamakhosi kamaskandi.
Olusekugcineni yiSide Dish ngababukeli abangu-1 937 322 nokusho ukuthi ngesikhathi ziqala zombili izinhlelo zalaba zadonsa ababukeli abangaphansi kwalesi sibalo nokuyingakho zingaveli.
Ngakolunye uhlangothi ezinhlelweni ezidlala eziteshini zeDStv, i-Uyajola 99 ekhonjiswa kuMoja Love njalo ngeSonto ebusuku iketule iGomora yaba yilona hlelo olubukwa kakhulu.
NgoJuni ike yaba sendaweni yesibili idlula iThe Queen kanjalo nango-Agasti.
NgoSepthemba kuvela ukuthi isiqephu esibukwe kakhulu sithole ababukeli abangu-1 580 680 iGomora yasala ngemuva ngabangu-1 150 225 bese kuba yiThe Queen ngabangu-1 020 632.