KUZOSHINTSHANA osaziwayo abahlukene esikhaleni sikaSomizi Mhlongo, ohlelweni lomculo ama-Idols SA.
NgeSonto uSomizi uqalile ukungabonakali kulolu hlelo kulandela ukumiswa emuva kokuvela kwezinsolo zokuthi wayehlukumeza owayengumyeni wakhe uMohale Motaung.
Abantu bakuleli bakhala ngokuthi izinkampani azisebenzelayo kumele zithathe isinqumo sokumumisa njengoba ebhekene namacala amabi.
IMetro FM yakhetha ukuthi amiswe isikhashana wabuya, kuma-Idols okwamanje bebengakacacisi ukuthi uzohamba isikhathi esingakanani.
Kodwa esitatimendeni abasikhipha baveza ukuthi bazolinda ukuthi kuphume isinqumo ngaphambi kokuthi bathathe isinqumo sokuthi bayamgcina noma uyaxoshwa unomphela.
UKabelo Chabalala weMzansi Magic uveze ukuthi abantu abalindele ubumnandi kulolu hlelo njengoba kuzoshintshana osaziwayo abahlukene abazosebenzisana namajaji u-Unathi Nkayi noRandall Abrahams.
"Njengoba uhlelo selusesigabeni sokuthi lukhonjiswe bukhoma lapho kuqhudelana abangu 16 abangenele, amajaji azosebenza ukukhetha ukuthi ubani ozodlulela esigabeni esilandelayo. Kosaziwayo abazobonakala kukhona kakhulu abaculi kodwa nabanye abenza okuhlukile emikhakheni ehlukene abakuyo endimeni yobumnandi. Njalo ngesonto sizomemezela ukuthi ubani ozoba khona esiqeshini esilandelayo ezinkundleni zokuxhumana emakhasini eMzansi Magic," kuchaza yena.
Izolo kulolu hlelo bekukhona intokazi ecula umculo wamaPiano, uLady Du.
IKZN kulolu hlelo imelwe ababili okukhona kubo uS’thuthukile Langa noZukisa Mashiqa.