LUZOQALA ngeSonto elizayo kuSABC2 ngo-6.30, ntambama uhlelo, iThe Coolest OG’s, lapho izaguga ezineminyaka engu-60 kuya ku-80 zizoqhudelana emidlalweni ehlukene.
Lolu hlelo, oluqoshwe izinsuku ezingu-50 ubusuku nemini, inhloso yalo wukujabulisa izintombi nezinsizwa ezindala kuleli, esezihlala zihlezi emakhaya zingenzi lutho.
Kulona kuzobonakala izaguga ezingu-12 zidlala imidlalo ehlukene, okuyothi isiqephu ngasinye kuphume oyedwa.
Oyodla umhlanganiso ekugcineni uyokhala amuke nomklomelo ka-R100 000 ongukheshi.
UBheki Ncube, ongumqondisi walolu hlelo, uveze ukuthi okuzobonakala kulona ngeke kukholakale ngezinye izikhathi kodwa bayaqinisekisa ukuthi konke kuyiqiniso.
“Ngolimi lwesimanje singasho nje ukuthi sizobe siphethe izaguga ezisezintweni njengoba kuzona sizobe sifuna ulwazi oluningi kakhulu futhi eminye imidlalo izobe idinga ukuthi kube khona ababapha amaphoyinti yingakho kulolu hlelo sinamajaji asemikhakheni ehlukene kuleli okubalwa kuyo eyamafilimu neyokupheka.
“Phakathi kwamajaji azobonakala kubalwa uZipho Sithebe osemkhakheni wemfashini, uSbu Makamedi osemkhakheni wokulingisa, u-Adon Domeyer osemkhakheni womculo njengoba enguphrojusa nonjiniyela osebenza nabaculi abahlukene emhlabeni no-Allison Greenlees owazi kakhulu ngomkhakha wokudla,” kuchaza uBheki.
Uveze ukuthi indlela abazojajwa ngayo izogxila kakhulu endleleni abaphendula ngayo nabadlala ngayo kanjalo nasendleleni abagqoka ngayo.
“Abantu abadala kuningi abakufundise intsha yakuleli eminyakeni edlule. Ngakho lolu hlelo lunika nabo ithuba lokuthi baphinde baxoxe izindaba zakudala ngempilo yabo. Angeke nje kube wuhlelo olunikeza ulwazi nemfundo ngamasiko kodwa luzobe lugcwele ubumnandi bodwa. Yize silushuthe ngesikhathi sobhubhane kodwa senze konke okusemandleni ukuthi baphephe ngaso sonke isikhathi. Lezi zaguga asingabazi ukuthi abantu bazozithanda kakhulu,” kuchaza yena.
Uthe imidlalo abazoqhudelana kuyona kubalwa ukumodela, ukucula nokubhala izingoma, ukuqopha ama-video ezingoma, ukupheka, ukulingisa nokunye.