ABACULI abadabuka KwaZulu-Natal, okukhona kubo uNtokozo Mbambo noZakes Bantwini bangabanye abazondansisa emcimbini kaMiss SA, ngoMgqibelo.
Laba baculi bazoshiyelana inkundla nekhwaya eyamela elakuleli ohlwelweni lwase-USA, i-America’s Got Talent, iNdlovu Youth Choir.
Umcimbi kaMiss SA, uzobanjelwa eKapa, eGrand Arena, GrandWest Casino. Uzokhonjiswa bukhona kuMzansi Magic (161) nakuM-Net (101), ngo-5 ntambama.
UNtokozo uveze ukuthi ukujabulele ukuba yingxenye yalo mcimbi asewulandele iminyaka.
“Sengikubheke ngabomvu ukuhlanganyela ingoma nekhwaya yentsha iNdlovu Choir njengoba kukhona ingoma esizoyenza sonke. Yize sizocula ingoma esemkhakheni engingawujwayele okungewona owokholo kodwa ngiyazi kumele ngibheke ini nokuthi kumele sidlulisele umyalezo ngendlela,” kusho uNtokozo.
Uthe abantu besifazane bakuleli basuka kude ngakho ukuthola ithuba elifana naleli lokubabungaza kumele lingathathwa kancane.
"Sengikulindele ngabomvu ukubona bonke ozime abazobe beqhudelana, ngibafisela inhlanhla bonke nempumelelo - abazophumelela nabangeke baphumelele,“ kuchaza yena.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal kulo mcimbi simelwe yintokazi yaseRichards Bay, uLalela Mswane.
Abanye abazoqhudelana kuwona kubalwa uBianca Bezuidenhout, Catherine Groenewald, Cheneil Hartzenberg, Jeanni Mulder, Kaylan Matthews, Kgothatso Dithebe, Moratwe Masima, Tiffany Francis noZimi Mabunzi.
Uhlelo luzobe luphethwe ngu-Anele Mdoda noNico Panagio. Ukuzilungiselela lo mqhudelwano izintokazi eziwungenele ziqeqshwa ngozime okubalwa kubo intokazi eyathatha isicoco sikaMiss Universe ngo- 2018 uCatriona Gray neyakuleli ebiphethe esikaMiss Universe ngo-2019 uZozibini Tunzi.