KUZOBUNGAZWA osaziwayo bethelevishini abavunjululwa futhi bacijwa yiKwaMashu Advancement Projects (K-CAP) kusukela eminyakeni engu-30 eyedlule.
Kulabo saziwayo abaphekwe eKhaya Multi-Arts Centre, KwaMashu, kubalwa uBrenda Mhlongo osebuya kwiLion King eBroadway, Generations The Legacy, Imbewu, The River neThe Queen.
USamukele Mkhize osebuya kwiSibaya kodwa kulezi zinsuku olingisa kwiSkeem Saam, uNosipho Maphumulo obenguNosipho Xulu kuZalo futhi osebuya kwiDurban Gen, uVelile Makhoba oseke walingisa kwiGomora nakwiRedemption, uVuyelwa Tshona osebuya kwiMbewu nakwiLion King eSingapore, uLucky Simayile osebuya kuZalo futhi obambe iqhaza kwiShaka Ilembe nabanye abaningi.
Umsunguli nomqondisi weKhaya Multi-Arts Centre, u-Edmund Mhlongo, uthe bayaziqhenya kakhulu ngokubona abantu abadlule esandleni sabo kuyo yonke imidlalo ekhonjiswa eziteshini zethelevishini zakuleli.
"Namhlanje sesikhiqize amakhulu ngamakhulu amaciko. Lokhu kuyasijabulisa futhi kusho ukuthi senza umsebenzi omuhle."
UMhlongo uthe inhlosongqangi ngeK-CAP kwakunguvumbulula amakhono, ukuwathuthukisa nokuwaveza emphakathini, wathi nakuba umcimbi omkhulu ungoSepthemba kodwa kunochungechunge oluzolokhu lwenzeka maduze.
Nakuba uMhlongo esebenza ngokuzikhandla ukususa intsha emigwaqweni nasemikhubeni engasile nokuyenza ikwazi ukuxosha ikati eziko emakhaya kodwa usathwele kanzima ngenxa yokuntula uxhaso.
Uthe ukwenza izinhlelo eziphelele zeKhaya Multi-Arts Centre kudinga isamba semali esevile kuR5 million.
Eqhuba uthe uxhaso lukaR1.5 million aluthola kuMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, alwenele neze ukwengamela izindleko, okubalwa kuzo nezokuholela abasebenzi nokuhlela imicimbi.
UMhlongo uzishaya isifuba ngokufukula amaciko amaningi ngamakhono nangokudala amathuba emisebenzi entsheni engaphezu kuka-400, okubalwa ewu-25 esebenza kwi-Lion King esabalele nomhlaba wonke, ewu-100 esemidlalweni yeshashalazi neyethelevishini nenye esethimbeni labadidiyeli.
"Ngikhuluma nje leyo ntsha iyondla emakhaya ayo ngenxa yamakhono noqeqesho eluthole eK-CAP."
Esephetha, unxuse nosomabhizinisi ukuba baphonse itshe esivivaneni ukuze lesi sikhungo siqhubeke nokufukula intsha.