KUYAPHELA ngohlelo iPasella obeselukhonjiswe iminyaka engu-23, kwiSABC2.
Lolu hlelo olukhuluma ngezinto ezihlukene ngempilo yabantu abasemazingeni aphansi naphezulu, luzogcina ukubonakala kulesi siteshi ngoJanuwari, wangonyaka ozayo.
Kusukela ngo-1998 luqala ngo-7.30 belulokhu lukhiqizwa yinkampani iTswelopele Productions. Lwasungulwa nguPieter Cilliers.
Kosaziwayo bakuleli asebeke balwethula, kubalwa uDerrich Gardner, Shemane Harris, Paul Rothman, Vicky Davis, Minki van Der Westhuizen, Amalia Uys, Christi Panagio, Mishka Patel, Eloise Cupido, Jo-Ann Strauss nabanye.
Kulezi zinyanga ezisele ababukeli balo bazojabulela ukubuya kwabalingisi abadala kulona, abazobabuyisela emuva, eziqeshini esezadlula.
Okunye okuzokwenzeka uma selugoqwa wukuthi abaqophi balo nabo bonke akade besebenza kulona, bazobonakala bekhuluma ngebanga abalihambile eminyakeni ewu-23.
UGerhard Pretorius, ophethe isiteshi seSABC2, uveze ukuthi kube yisinqumo esingelula abasithathile sokuqeda uhlelo.
“Ngemuva kweminyaka engu-23 sisemoyeni, sesifikile isikhathi sokuvalelisa kulolu hlelo. Kodwa-ke izinhlelo esizethule kule nyanga ephelile sihlele ukuthi siqhubeke nazo njengoba iningi lazo zizintsha, futhi singangabazi ukuthi ababukeli bethu bazozithakasela. Okujabulisa kakhulu wukuthi lezi zinhlelo zivutshelwe kuleli. Okunye esikujabulelayo wukuthi izinhlelo esizithulile zizoqhubeka nokuveza amasiko akuleli ahlukene futhi ziqhakambisa izilimi zakuleli ezihlukene. Sikuthakasele futhi nokubona ophrojusa abasebancane abalethe izinhlelo zabo, okuyimanje ezinye ziyakhonjiswa,” kusho uGerhard.
Uthe bayabonga kakhulu enkampanini iTswelopele Production, ngokubaqophela lolu hlelo futhi ngeke babashiye ngaphandle ababukeli babo, ababe nabo yonke le minyaka.
Ukugcizelele ukuthi ababukeli bazojabulela iziqephu ezedlule, abazobuyela kuzona emuva kokubuka lapho besuka khona.