NGESIKHATHI kungongaphansi nongaphezulu phakathi kukaGladys Dlamini no-Onthathile "Nthathi" Ndaba ngenxa yokubanga uMelusi Dlamini kwiGomora, nasezintokazini ezilingisa lezi zindawo zibambene ngezihluthu kumaRoyalty Soapie Awards akulo nyaka.
UThembi Seete, olingisa indawo kaGladys noKatlego Danke onguThathi, baqhathwe emunxeni weViewer's Choice Best Actress. Ngamafuphi uGladys noThathi babanga uMelusi (okuyindawo elingiswa nguZolani Xaluva) ngenxa yokuthi uthando lubukeka luqale phansi phakathi kukaMelusi noThathi ekubeni eseshade noGladys. Kulezi zinsuku indodana kaMelusi, ayithola kuGladys, uNtokozo (Ntokozo Sishi), iphume umkhankaso wokwelusa uyise ukuze angabonani noThathi. Yize uKatlego ekhipha amangwevu kule ndawo ayilingisayo kodwa yena uthi ushaqekile eqokwa kumaRoyalty Soapie Awards nasemunxeni we-Outstanding Lead Actress. UKatlego (42), olingisa indawo ka-Onthathile "Thatha" Ndaba, uqhathwe nozakwabo oLusanda Mbane weScandal1, uShoki Mmola weSkeem Saam, uNompumelelo Vilakazi weDiepCity, Nthathi Moshesh we-Isono noHildegardt.
UKatlego uthe okumumangazile ukutholana phezulu nabalingisi abangungqaphambili.
"Namanje ngisashaqekile kodwa sesikhona la! Ngihlonishwe ngokuqokwa nabalingisi abavelele kule ndima emunxeni weBest Actress kumaRoyalty Sopie Awards. Ukuqokwa nje kukodwa kuyangithoba futhi ngiyakubonga kakhulu."
Eqhuba uKatlego ubonge kakhulu ukwesekwa ozakwabo alingisa nabo kwiGomora.
"Ngiyabonga kakhulu," kuphetha uKatlego owaduma kakhulu esalingisa kwiBackstage nakwiGenerations.
NoThembi, wodumo kwiBoom Shaka, uthe ukulingisa indawo kaGladys kuyisibusiso esikhulu kuye futhi kusho lukhulu nokuqokwa kumunxa weViewer's Choice Best Actress. Unxuse abantu bamvotele ngobuningi babo uma ebenze bajabula, badabuka, badinwa noma bamcasukela. "Lokho ngabe kusho ukuthi umsebenzi wami ngiwenza kahle. Ngiyanibonga nonke ngothando nangoxhaso eninginika lona. Sizoqhubeka nokuninikeza izindaba eziyiqiniso ngale nkundla yokulingisa," kuphetha uThembi kwi-Instagram.
*AMA-Royalty Soapie Awards azosakazwa bukhoma kuSABC 1 ngo-Okthoba 2 kusukela ngo-8 ebusuku.