KULINDELEKE ukuthi bangabonakali uma sekuqala isizini yesibili abalingisi abaqavile bomdlalo okhonjiswa ku-e.tv, iDurban Gen.
Lo mdlalo ukhonjiswa ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu ngo-6.30 ntambama.
NgoLwesihlanu kuputshuke imibiko ethi abalingisi okubalwa kubo uThulani Shange, Lihle Dhlomo, Sifiso Sibiya noSibusiso Mncube yibona abangeke besabonakala ngesizini ezayo.
Ukudedelwa kwalaba balingisi, abaningi kangaka emdlalweni owodwa, akuveli ukuthi kudalwe yini.
Kuthiwa uThulani Shange ushiya lo mdlalo ngemuva kokudedelwa ngababhali nophrojusa bawo ngemuva kokungavumelani nabo ngemali.
Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni, nongaphakathi kulo mdlalo, uveze ukuthi laba balingisi bazodedelwa.
“Nathi besingakholwa ukuthi yiqiniso njengoba kungajwayelekile ukuthi umdlalo owodwa udedele abalingisi abaningi kangaka ngesikhathi esisodwa. Kodwa okunye okuphinde kwavela wukuthi ngeke bahambe manje, bazohamba ekupheleni kwesizini yokuqala, okuzothi uma sekuqala eyesibili bangabe besabuya. Okunye okuvelayo wukuthi abanye bazobuya ekuhambeni kwesikhathi, hhayi ukuthi sebededelwa unomphela,“ kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi udaba lukaThulani luyindida njengoba bengazi ukuthi kwenzakalani.
“UThulani asazi naye noma uzohamba manje noma bazophuma bonke uma kuphela isizini yokuqala. Isizini yesibili kulindeleke ukuthi iqale ngo-Okthoba. Kuvela lezi zindaba nje yingoba vele sebelungiselela ukuthi iqale ukuqoshwa njengoba ukuqoshwa kwesizini yokuqala sekuya emaphethelweni,“ kuchaza umthombo oveze ukuthi kulo mdlalo bakhona abalingisi abasha abasazobonakala.
Okhulumela inkampani eqopha lo mdlalo, iStained Glass, uNomfundo Zondi, uveze ukuthi okwamanje lezo zindaba bezingakafiki kubona, kodwa njengenhlalayenza uma kuqala amasizini amasha emidlalweni yabo bayazimemezela izinguquko.
“Sizokhipha isitatimende uma kukhona izinguquko okumele sizazise ababukeli bethu,“ kubeka uNomfundo.