KUYAQALA ngesonto elizayo ukuqoshwa kwesizini entsha yohlelo oluveza ngempilo yabaculi begqom’ baseThekwini, uMampintsha noBabes Wodumo.
Lolu hlelo, Uthando Lodumo, luqale ukukhonjiswa kwiShowmax ngoJuni nonyaka ngaphambi kokudlala kuMzansi Magic ngo-Okthoba.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, ababukeli baluthandile yingakho selubuya isibili.
Imizamo yokuthola uMampintsha izolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa
Lolu hlelo luqoshwa yinkampani, iParental Advisory Productions, kaLungile Radu noThomas Gumede. Laba baphinde babe ngabadidiyeli abakhulu nabaqondisi balo.
UThomas ukuqinisekisile ukuthi uyaqala ukuqopha kusuka ngoDisemba 16, wathi uza eThekwini.
“Isizini yesibili yoThando Lodumo izoqala ukudlala ngonyaka ozayo. Ngizobe ngiseThekwini ngizoqopha,” kusho uThomas.
Ngesikhathi lolu hlelo lukhonjiswa, ababukeli babona uMampintsha ecela ukuthi uBabes amshade bukhoma ezindlini zokusakaza zeGagasi FM. Kubonakala nezingxoxo zamalobolo kanjalo nomshado wabo wesintu.
Umshado wasusa ukukhuluma njengoba ngemuva kwawo uNgizwe Mchunu asola uMampintsha ngokunyamalala nebheshu nokuyizinsolo lo mculi azichitha.
Kwavela ne-video kanina kaMampintsha echitha uBabes, ethi akazi ngomshado wabo futhi akakhulelwe. UBabes wateta ingane ebizwa ngo“Sponge”.