ABASHADIKAZI abancane abaduma ohlelweni Isencane Lengane, olukhuza ibuya kuMoja Love (DStv 157) , bathi ingane ayikakabi sezinhlelweni zabo yize beqeda iminyaka emithathu bashada.
USiyacela Dlamuka noThando MaThabethe, asebeneminyaka engu-19, bazakhela udumo ngohlelo lwethelevishini Isencane Lengane, lapho beveza khona impilo yabo yokuthembisana umshado, kwaze kwba bayashada yize babesebancane.
Isizini yesibili yohlelo lwabo izoqala ukubonakala ngoJuni kanti sebeqalile ukuqopha.
Ekhuluma nephephandaba uSiyacela owayeneminyaka engu-16 ngesizini yokuqala, uthi imnandi impilo yasemshadweni futhi bayajabula ukuthi uhlelo lwabo seluyabuya kumabonakude.
“Imnandi impela impilo yasemshadweni. Ngeledlule besiqeda iminyaka emithathu sashada futhi sisahleli kahle. Abantu bazozibonela konke okuqhubekayo uma seluqala ukukhonjiswa uhlelo lwethu,” kusho uSiyacela.
Kuke kwaba nemibiko yokuthi imbangela yokuyeka kukaSiyacela isikole kwakungukuthi wayezela esikoleni ngoba ethi akalali ebusuku ebhizi nezinto ezenziwa ngabantu abashadile. Ebuzwa ngokushiya kwakhe isikole emuva kokushada uthe akazisoli ngesinqumo sakhe njengoba eseqalile ukufundela umsebenzi wezandla.
Ngesikhathi bethintwa bebehleli ndawonye nomkakhe, nokuyilapho edlulisele kuyena ucingo uma ebuzwa ngaye. UThando owenza ibanga leshumi kulo nyaka, uthe alikho elibi emshadweni kanti nasesikoleni usaqhuba kahle.
“Ngifuna ukwenza izifundo zosonhlalakahle uma ngiphothula u-matric wami ngoba vele ngiyabathanda abantu nokubasiza,” usho kanje uThando.
Uthe ukuthola umntwana akukho ezinhlelweni zabo okwamanje kwazise usazimisele ngokuqeda izifundo zakhe kuqala ngaphambi kokuba baqale umndeni.
Uveze nokuthi leli gxathu alithatha lokushada uSiyacela, lamsiza kokunye njengoba nasesikoleni esezifundise ukuthi angabinabo abangani kodwa abenabantu azwana nabo nje. Uhlelo lwabo lagxekwa ngabanye ababukeli ngenxa yeminyaka yalaba bashadikazi nangenxa yokwakwenzeka kulona.
Laba bashadikazi babopha ifindo likasofasilahlane ngo-Ephreli wango-2019 kanti bobabili babefunda eNdlovana High, oLundi.