NJENGOBA unyaka sesiwugoqa, kube khona izinto eziningi ezingihlabe umxhwele emkhakheni wethelevishini kuleli ikakhulukazi emidlalweni esethulelwe yona kulo nyaka.
Lona ngingasho ngingangabazi ukuthi kube unyaka othele izithelo ezinhle uma kuza emidlalweni yethelevishini.
Ngeke ngigxile kakhulu ezinhlelweni njengoba eziningi esizibonile bezishaya ibuya.
Kulo nyaka imidlalo eminingi yenze into okumele ishayelwe ihlombe, njengoba ilethe abalingisi ebesingabazi nabenze kahle kakhulu befika kulo mkhakha.
Muva nje wonke umuntu usababaza ithalente nobuso obusha obubonakala emdlalweni iThe Wife ekhonjiswa kwiShowmax.
Yize abanye abalingisi baziwa kodwa okube mqoka ngalo mdlalo ukuthi abalingisi abahamba phambili abaziwa siqale ukubabona kuwo.
UBonko Khoza olingisa indawo kaMqhele, Kwenzo Ngcobo (Qhawe) noMbalenhle Mavimbela (Hlomu), siyathemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi ithalente labo lizohlonishwa futhi iminyango iqhubeke ivuleke njengoba bengene ngegiya eliphezulu kulo mkhakha.
Omunye umdlalo owenze into encomekayo kulo nyaka ngokusilethela ubuso obusha esingabazi, umdlalo iDiepcity, ofike nethalente elisha kulo mkhakha.
Ngiyathemba lokuthi okwenziwe uMandla N, ngeke kuze kulibaleke kalula, njengoba ukufukula intsha kulo mkhakha kuyinto okumele ishayelwe ihlombe.
Kanjalo nakwi-e.tv emdlalweni iHouse of Zwide kujabulisile ukubona kugqama ithalente elisha.
Siyathemba ngonyaka ozayo njengoba kuvela izindaba zokuphela kweminye yemidlalo kuleli sizoqhubeka sikhonjiswe ithalente elisha.
Ezinhlelweni zikaqedisizungu isicoco salo nyaka ngizosinika isiteshi iMoja Love.
Lesi siteshi yize ezinye izinhlelo zakhona zizindala kodwa uqhubekile nokwenza izinhlelo ezithinta abantu ngqo, zikhombisa ngokwenzeka emphakathini.
Siyathemba ngonyaka ozayo bazoqhubeka nokwenza izinto eziwusizo emphakathini nezingagcini nje ngalokho kodwa futhi abantu bazijabulele.
Iziteshi i-1Magic, BET neMzansi Magic akukho okutheni engingathi bakwenzile kulo nyaka okusha.
Izinhlelo ezikhombisa impilo yosaziwayo bengithi beza kahle kuzona kodwa azikho esizibone kulo nyaka.
Ngonyaka odlule bagila izimanga njengoba bethula olukaMaMkhize, olukaKhanyi Mbau, Boity, Kelly Khumalo abantu abazithakasela.
Kodwa kulo nyaka abagxilanga kuzona nengibona kungewona umqondo ophusile.
I-SABC ngizoyishayela ihlombe ngokukhombisa uhlelo lukaKhuzani noMthandeni (Igcokama Elisha) ngiyazi ukuthi lokhu abakwenzile kube yisinqumo esiphusile futhi nakanjani esibenze babuyelwa ababukeli babo ngezimpelasonto.