UMSAKAZI weNanda FM Indlovukazi Mapule uthi uthwale kanzima echazela abazalwane basebandleni lakhe ngokubonakala kwakhe egqoke amabhayi ezangoma.
UMapule ubuye abe ngumfundisi ebandleni iVictory Ministries Church International.
Muva nje ujoyine umdlalo waku-e.tv Imbewu lapho edlala khona indawo kagobela othwasisa uKaMadonsela (Brenda Mhlongo).
“Kusuke umsindo kubazalwane kuthiwa “umfundisi useze waluvuma ubizo lwakhe usebuyekile yini ubufundisi?” Abanye ababoni nokuthi kuyalingiswa okusho ukuthi luseluncane ulwazi,” kusho uMapule.
Uthe ukukhuluma ngendawo yakhe kuyamjabulisa ngoba kukhomba ukuthi uyidlala kahle.
“Abanye bebethi kusho ukuthi kudlalwa izindlu leli sonto, bethi akukwazi ukuthi umfundisi angaphinde abe yisangoma. Kuyangijabulisa ukunyakazisa abantu kusho ukuthi kukhona okwenzekayo.”
Udlala kulo mdlalo nje, uthi ukulingisa yinto angayifundelanga kepha uyaqaphela indlela abalingisi abenza ngayo uma ebukela ithelevishini.
Uthe okunye ukufunde ngesikhathi esebenza ehhovisi leMbongeni Ngema Academy lapho ayebuye ayolunguza khona emakilasini okwakuqeqeshwa kuwona abalingisi.
“Ubuciko ngidalwe nabo, ungathi uThixo yikona angilethele kona emhlabeni. Angazi ukuthi ngifuze bani ngoba umama wayengumthandazi, ubaba eyinyanga,” kusho uMapule ongumbhali wencwadi ethi Leaving the Shadows Behind.
Uthe ungene kwiMbewu ngemuva kokuxoxela omunye umngani wakhe kudala ukuthi angakuthanda ukuba wumlingisi ngelinye ilanga.
“Nasemsakazweni ngangena ngoba ngithi ngifuna ukwenza okuhlukile ngidlulise umyalezo. Nakwithelevishini ngifuna ukwenza okuhlukile. UMusa Hlatshwayo weMhayise Productions wathi angithumele ivideo ngiziqophe ngilingisa. Ngelinye ilanga wathi angithumele futhi ngabe sengifonelwa kuthiwa angize ngizoqopha ngakusasa. Umlomo uyadala ngangikhuluma nje kwavele kwenzeka. Ngidlala nabalingisi abaphambili manje. Ngiyathemba ukuthi asazovela namanye amathuba,” kuphetha yena.