IZINHLELO okukhona kuzo oluthi Uyajola 9/9, Isencane Lengane ngezinye okulindeleke ukuthi zidonse amehlo ababukeli beMoja Love (157) uma sezibuya ngenyanga ezayo.
Lezi zinhlelo seziqalile ukukhangiswa kulesi siteshi futhi nabantu ezinkundleni zokuxhumana sebezilindele ngabomvu.
UJub Jub noMoss Makwati bazobambisana eziqeshini ezihlukene zohlelo Uyajola 9/9.
Izithandani ezashada zisencane, uThando noSiyacela bakhombise abantu bakuleli ukuthi kuhamba kanjani emshadweni wabo njengoba sekuyiminyaka emithathu babopha elikasofa silahlane.
Ohlelweni Uyajola 9/9, abeMoja Love baveze ukuthi akukho okuhlukile njengoba bezoqhubeka nokusiza abafuna ukubona ophathina babo ukuthi bathembekile yini.
Ngeledlule kusabalale i-video eqoshwe eMatatiele, e-Eastern Cape, lapho uJub Jub abehambele khona.
Kule video kubonakala owesilisa ogibele ihhashi ebalekela uJub Jub nethimba lakhe, bemjaha. Kugcina ngokuthi ihhashi limchithe, bamthola kanjalo.
Abantu bakuleli baveze ngokusobala ukuthi lesi ngesinye seziqephu abasilindele ngabomvu.
ULindiwe Mbonambi weMoja Love, ukuqinisekisile ukubuya kwazo zonke lezi zinhlelo, wathi maduzane nje bazothula nezinye.
Isolezwe lihabule nokuthi kusona lesi siteshi kuzobonakala umdlalo omusha wamahlaya othi, Ikhaya Labadala.
Lo mdlalo kuvela ukuthi ubophele osaziwayo abahlukene, okukhona kubo uLillian Dube, Nandi Nyembe, Jerry Pele, Vusi Thanda nabanye.
Isolezwe ngeSonto libe nengxoxo noSiyacela noThando abaveze ukuthi bajabule ngokubuya kohlelo lwabo futhi bajabule ngokubuye bakhombise ngempilo yabo.
Babuye baveza ukuthi emshadweni wabo kusahamba kahle.